INKAMPANI kafishi osethinini iLucky Star isimemezele ukuthi izohlonipha owayengungqongqoshe wezeziMali, uMnuz Tito Mboweni, ngendlela efanele ezohambisana naye, uma isikhulume nomndeni wakhe.
UMboweni ubekhonzwe kakhulu ku-X ngabantu bakuleli ngokudla kwakhe abekupheka obekuvamise ukuba nofishi weLucky Star nezithako ezijwayelekile.
Emuva kokusabalala kwezindaba zokudlula emhlabeni kukaMboweni, abantu bakuleli banikele ku-X bacela iLucky Star ukuthi ihloniphe uMboweni.
Umndeni wakhe umemezele ukuthi uMboweni owake waba wungqongqoshe wezabaSebenzi nomphathi weBhange loMbuso, ushonele esibhedlela saseGauteng, ngoMgqibelo, emuva kokugula isikhashana.
Abantu bamfanise nenxusa leLucky Star ebeliyikhangisa ngaphandle kokulindela inkokhelo njengoba ebehlale eveza ithini leLucky Star.
“Ngesikhathi esifanele, uma sesithole imvume yomndeni wakhe, sizomhlonipha ngendlela ehlukile ezokhombisa amagalelo akhe. Eminye imininingwane izolandela,” kusho abeLucky Star esitatimendeni.
UMboweni ubedumile ngamagalelo akhe kanti umrepha uCassper Nyovest waze waqamba ingoma ethi Tito Mboweni, eyisusela ekutheni imali yakuleli ibisayinwa nguMboweni.
Abantu bathe bazomkhumbula ngokudla kwakhe obekugcwala inqwaba kagaligi, u-anyanisi, utamatisi, usawoti ne-spice.
USlaughter @BafanaSurprise uthe: “UTito Mboweni ubeyindoda ejabule, uzijabulele izinsuku zakhe emhlabeni. Ubehlale ekhetha ukuthula, ungafunga ukuthi ubazi ukuthi izinsuku zakhe zincane.”
UKgopolo @PhilMphela uthe: “RIP Tito Titus Mboweni, owayenguNgqongqoshe weziMali noMphathi weSouth African Reserve Bank. Twitter Chef.”
UP_MAX @DDT_PM uthe akakhohlwa ukuthi uTito Mboweni akasekho eneminyaka ewu-65. Uthe abanye abantu kufanele baphile isikhathi eside ngoba ubengacabangi ukuthi uMboweni angashona.
UTumishang Mashabela @tumimashabela ubhale ukuthi ezinsukwini ezenhlanu ezedlule wabhalela uTito kodwa wangayithola impendulo. Obekuyinto engafani naye njengoba ebengumholi kahulumeni okhulumayo nabantu kwiTwitter. Uthe usheshile ukuhamba.
Amazwi enduduzo alokhu engenile njengoba uMboweni ekhunjulwa ngamagalelo akhe amahle kuzo zonke izinhlaka zomphakathi nakwamanye amazwe.