IDLIWE yizembe iMeya kaMasipala waKwaDukuza, ebisolwa ngokugoloza ukwehla esikhundleni, uNksz Lindile Nhaca.
UNksz Nhaca ukhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe emhlanganweni womkhandlu, izolo.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNksz Nhaca sifakwe ngusotswebhu omkhulu emkhandlwini, uMnuz Humphrey Mbatha.
“Ngifake lesi siphakamiso ngenxa yokuthi iningi lamakhansela alisamethembi uNksz Nhaca ukuthi angakwazi ukuhola kahle lomkhandlu.”
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNksz Nhaca sesekwe amakhansela e-ANC, EFF ne-IFP.
UNksz Nhaca obengekho emhlanganweni wayizolo, kuvela ukuthi ufake isixoliso. Ukhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe nje, i-ANC yayikade imyalele ukuthi asule esikhundleni.
Ubuholi be-ANC baqale bamumisa esikhundleni ngaphambi kokuthi bumyalele ukuthi ehle esikhundleni.
Nokho uNksz Nhaca akazange avume ukwehla esikhundleni, uzame wehluleka ukuthola isivimbelo senkantolo ebesizonqanda ukuthi kulalelwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Unobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, uMnuz Siphesihle Zulu, uthe uNksz Nhaca usazoqhubeka nokuba yikhansela emkhandlwini.
“Kubuhlungu ukuthi kuze kwafika lapho sikhipha esikhundleni omunye wethu ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe. Amalungu e-ANC kufanele akwamukele ukuthi inhlangano iyona eqokayo, nephinde yehlise abaholi ezikhundleni.”
UZulu uthe bafuna ukuthi imeya entsha iqokwe ngesonto elizayo.
Kuvela igama likaMnuz Njabulo Cele, embangweni wesikhundla. Emhlanganweni okuzoqokwa kuwo imeya kuzophinde kuqokwe nephini lemeya.
Iphini lemeya kulo mkhandlu alikaze likhethwe kusukela kwashona uMnuz Thulani “Mbazo” Ntuli, ngonyaka owedlule.
Njengamanje uMasipala waKwaDukuza uphethwe ngokubambisana yi-ANC, AIC ne-ATM.
Ukuvota kwe-IFP ne-ANC izolo kuqubule amahlebezi okuthi lawa maqembu angase asebenzisane.
Kusukela lawa maqembu aqala ukusebenzisana kuhulumeni waKwaZulu-Natal, aseqalile ukubambisana kweminye imikhandlu yakulesi sifundazwe.
Njengamanje amaqembu abambisene kuMasipala waseThekwini nowaseMzumbe.
Emhlanganweni wayizolo kuphinde kwabhuntsha imizamo yokukhipha esikhundleni usomlomo womkhandlu, uNkk Dolly Govender.
Isiphakamiso sokukhipha uNkk Govender ebesifakwe yiDA asizange siphumelele.