I-ANC izothathela abaholi bayo abaqavile izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe ngezinto abazisabalalisayo ezijivaza isithunzi seqembu.
UNobhala Jikelele, uMnuz Fikile Mbalula, uveze ukuthi bazothathela izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe abebengamalungu esigungu esiphezulu, uMnuz Obed Bapela noMnuz Tony Yengeni.
UMbalula ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo, lapho ebekhuluma khona ngamalungiselelo omcimbi wokugubha usuku okwasungulwa ngalo i-ANC.
Bobabili laba baholi bazobhekana namacala okufaka inhlangano ehlazweni.
UYengeni, obeyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eyayingo-2022, waziwa ngokweseka umholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma.
UYengeni uyena owayemele uZuma ngesikhathi evele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe kwi-ANC.
Leli komiti lathatha isinqumo sokuxosha uZuma kwi-ANC.
Manje uYengeni usezophinde avele kuleli komiti, kulokhu uzokube eyoshushiselwa amacala akhe njengoba esolwa ngokugxeka i-ANC ezinkundleni zokuxhumana. UYengeni unokufaka imibhalo egxeka uMengameli Cyril Ramaphosa.
UMbalula uthe sebembekezelele kwanele uYengeni, wathi manje sekuyisikhathi sokuthi aphendule.
“UYengeni uthanda ukubukwa. Ubhala noma yini ayithandayo ezinkundleni zokuxhumana. Uhlezi encoma i-MK. Kubukeka sengathi akazazi ukuthi umi kephi. Ngimbhalele umyalezo, ngamtshela ukuthi sizombizela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe. Kufanele asichazele ukuthi ngabe useyilo yini ilungu le-ANC.”
UMbalula uthe uBapela uzoshushiselwa ukuqamba amanga athi umele i-ANC emcimbini owawuseMorocco.
UBapela wazidonsela amanzi ngomsele emva kokukhuluma emcimbini owawuseMorocco, lapho kuthiwa khona wathi ufuna ukuthi kube nokusebenzisana kwezomnotho phakathi kweNingizimu Afrika neMorocco, waze wathi uyaleseka nekhwelo lokuthi iMorocco ibuyiselwe enhlanganweni yamazwe ase-Afrika, i-African Union.
I-ANC ayihambisani neMorocco ngenxa yombango wendawo iWestern Sahara.
I-ANC ikholelwa ukuthi indawo ebangwayo akufanele ibe ngaphansi kweMorocco, ifuna ukuthi izimele.
UMbalula uthe baningi abanye abazothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe, wathi kunomkhuba odlangile kwi-ANC lapho khona amalungu afike ankunke utshwala bese ebhala ukuthanda ezinkundleni zokuxhumana.
“Kunezinto abantu abazibhala phakathi kobusuku, sebedakwe utshwala. Bonke laba bantu bazothathelwa izinyathelo.”