KUZOCACA emva kwesonto ukuthi buzonyakaziswa ndlelani ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, obashaya udaka okhethweni lukazwelonke olwalungoMeyi, nyakenye.
Lokhu kuvezwe nguNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, oqede ukuqagela ngekusasa lobuholi be-ANC e-KZN naseGauteng, njengoba isigungu esiphezulu sale nhlangano sinqume ukuthi bunyakaziswe ngenhloso yokuqiniswa ubuholi balezi zifundazwe.
UMbalula udedele lesi sinqumo esithangamini sabezindaba eGauteng, izolo.
Uveze ukuthi abaholi abaphezulu bale nhlangano bazophuma nesu lokuthi uhlaka oluzolandelwa ukuqinisa lezi zifundazwe luzoma ndlelani njengoba sesiphumile isinqumo.
“Umbiko wohlaka oluzosetshenziswa oqhamuka kubaholi abaphezulu bazwelonke uzothulwa ekomitini elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwe-ANC ngoMsombuluko ozayo. Kuzobe sekujutshwa abaholi abasesigungwini esiphezulu senhlangano ukuthi baye emagatsheni, bayowachazela ngokuthi iyiphi indlela ezosetshenziswa.
“Amalungu namagatsha awalinde kuze kube yisonto elizayo njengoba sizokhipha umkhombandlela. Ngizobhalela zonke izifunda, amagatsha nezifundazwe ukuthi balinde size sibuyele kubona ngesonto elizayo mayelana nezindlela ezizosetshenziswa kulezi zifundazwe,” kusho uMbalula.
Uthe bekushubile emhlanganweni okuthathwe kusona isinqumo sokuthi kunyakaziswe ubuholi.
“Bekungelula, bekunzima kodwa siphume nezwi lokuthi ikuphi okumele sikwenze. Sivumelene ngokuthi ngeke sibuthinte ubuholi kuhulumeni, esizokwenza ukubhekana nobuholi be-ANC,” usho kanjena.
Inkulumo kaMbalula isho ukuthi ngeke athintwe uMnuz Panyaza Lesufi kwesokuba nguNdunankulu waseGauteng.
UMbalula uthe konke abazokwenza bazosebenzisa uMthethosisekelo wale nhlangano, waveza ukuthi kwezinye izifundazwe basaphethe amandla kanti kulezi ezimbili bashaywe bancama. E-KZN yiqembu uMkhonto weSizwe eliholwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma, elabadlisa ngamapayipi.
“Inhloso yethu enkulu ukufaka isandla siqinise ubuholi kulezi zifundazwe, silungise nesimo. Sizozinza kulezi zifundazwe kuye ngokuthi mungakanani umsebenzi okumele wenziwe.” kusho yena.
Uthe nasemhlanganweni wesigungu esiphezulu, amalungu abuzile ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani lokhu kungenelela okuzobakhona.
I-ANC e-KZN yathola u-17%, isuka ku-54%, manje isiyiqembu lesithathu ngobukhulu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Kanjalo naseGauteng, i-ANC yahluleka ukunqoba ukhetho ngamalengiso njengoba yathola u-36%, isuka ku-50%.
UMbalula ubuye waluleka izifundazwe ukuthi zibambe amatomu zingajahi ukwenza imicimbi eyaziwa nge-Januwari 8, okusuke kuhlahlwa indlela nezinto le nhlangano ezogxila kuzona kulowo nyaka.
Ukusho lokhu kulandela uqwembe olukhishwe wubuholi be-ANC esifundazweni lapho iveza uSihlalo uMnuz Sboniso Duma, ukuthi uzobe ekhuluma kulo mgubho ozoba ngoFebhuwari 2 eCaluza Sports Ground, eMgungundlovu.
“Noma singekho isinqumo esikhishiwe mayelana nama-rali, kodwa nginganxusa ukuthi kumiwe ngawo, angenziwa okwamanje. Ngingaphakamisa ukuthi aze enziwe uma sekuchazelwe izinhlaka ngokuzokwenzeka,” kusho uMbalula.