ZISAHLELI ebumnyameni ezinye izakhamuzi zaseRoosboom ku-ward 11 kuMasipala i-Alfred Duma ezidilikelwe ngamakhaya kulandela imvula enamandla ebihambisana nesichotho nesiphepho ngempelasonto.
Ikhansela laku-ward 11, uMnuz Siphamandla Khumalo, litshele leli phephandaba ukuthi mkhulu kakhulu umonakalo odaleke kule ndawo nabantu futhi badinga usizo ngoba iningi kalisebenzi.
UKhumalo uthe abezokuphepha nezinhlekelele kuMasipala uThukela bafikile bezobheka umonakalo, nabaseEskom bafika ngeSonto kule ndawo njengoba kwanqamuka nogesi kodwa akuwona umonakalo ongalunga ngesonto elilodwa.
"Eminye imizi iqalile ukukhanya kodwa eminingi isahleli ebumnyameni ngoba umonakalo ube mkhulu kunqamuke izigxobo nezinto zikagesi ezingeke zatholwa ngokushesha. Inkinga enkulu engibhekene nayo wukuthi abantu balambile, sengikhipha ephaketheni lami ngithenge izinkwa zokuthi babambe umoya.
“Ukudla kwabantu konakala kwaba manzi kwagcwala nodaka," kusho uKhumalo.
Eqhuba uthe ikhona inhlangano engenzi nzuzo i-Ali Mdaadi eseyelule isandla kwezinye zezakhamuzi yaletha izipontshi zokulala nokudla kodwa noma kunjalo usizo lusadingeka lukhulu.
Kwenzeka lokhu nje, izolo bekufanele imeya iyokwethula uhlelo lwamathoyilethi omgodi awu-100 abezokwakhelwa umphakathi kodwa kwangenzeka.
Ekhasini leFacebook lezakhamuzi zaseRoosboom zilokhu zibalise njalo ngesimo ezibhekene naso.
Zikhala nangezikhulu zikahulumeni ezingakaze zilubhade emphakathini selokhu kwehle le nhlekelele.
IMeya yase-Alfred Duma uMnuz Zama Sibisi selokhu kwaqalwa ngoMsombuluko ukuxhunywana nayo ngalolu daba kodwa ingatholakali kuvela ukuthi ibambeke emihlanganweni.