IKWAZULU-NATAL ingase ibe nezilo ezimbili uma inkantolo enkulu ivuna amaHlubi esicelweni sawo sokuthi kuphakanyiswe inkosi uMuziwenkosi Radebe (Langalibalele II) abe yisilo ngenyanga ezayo.
AmaHlubi afake isicelo enkantolo sokuthi kwamukelwe inkosi yawo ibe yisilo esizokwamukelwa njengesamaZulu iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuZulu.
Abameli benkosi Langalibalele II, ikomkhulu layo eliseMtshezi, bafake isicelo eNkantolo eNkulu eGauteng sokuthi kuchithwe isiphakamiso seKhomishini kaNhlapho yango-2010 esathi sinye isilo KwaZulu-Natal.
Udaba luzongena enkantolo ngoFebhuwari 3. Abaphikisa isicelo, yiSilo Samabandla, uMengameli Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe wezoku-Busa ngokuBambisana uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, uSihlalo wendlu yamakhosi aKwaZulu-Natal inkosi Phathisizwe Chiliza neNdlunkulu yaKwaZulu.
Isicelo samaHlubi sachithwa yiKhomishini kaNhlapo ngo-2010 eyathi ubukhosi bamaHlubi buyafana nabo bonke ubukhosi obukhona asikho isilo kubona.
Lokho kwakuchaza ukuthi inkosi Langalibalele II, uyinkosi engekho ezingeni lesilo ngakho kumele athobele umthetho weSilo Samabandla.
“Sithathe isinqumo sokuthi siye enkantolo ngoba sabona ukuthi ikhomishini yasenzela phansi ngokuhluleka ukucubungula ubuholi bamaHlubi. Ikhomishini yavuma ukuthi ubukhosi bethu bathathwa yiBritain ngo-1878 ngesikhathi elakuleli lilawulwa ubuholi bakhona, kwaqedwa nobuholi bamaHlubi, yingakho sifuna inkantolo ibubuyisele,” kuchaza uJobe Radebe okhulumela amaHlubi.
Ngokwamaphepha asenkantolo afakwe amaHlubi kuvela ukuthi lesi sizwe yisona esikhulu kunamaZulu njengoba sikapakela eSwazini nakumaNdebele.
URadebe uthe abaphikisi ubuholi bukaZulu kodwa balwela ukuthi kugqanyiswe obabo njengamaHlubi. Uveze ukuthi ngesikhathi befake isicelo kwiKhomishini kaNhlapo iSilo samaZulu sasingenankinga nabo.
“Kumanje amaHlubi asebenzisana ne-Unisa ukuthi kufakwe ulimi lwesiHlubi oluzofundiswa khona. Sifuna ulimi lwethu lube ngolunye lwezisemthethweni. Sibheka nodaba lomhlaba okumele ube ngaphansi kwamaHlubi kodwa okwezinye izizwe, ” usho kanje.
UXolani Dube, umhlaziyi wezindaba zepolitiki weXubera Institute for Research and Development, ukhale ngokuthi iKhomishini kaNhlapo yaxazulula lolu daba isebenzisa imithetho yasentshonalanga. Uthe kumele kusetshenziswe izazi zomlando ukuxazulula izimo ezinje.