KUSENZIMA ukwamukela nokwedlulisa isimo sokwawehlela umndeni wosana osekuphele unyaka lwashona lwelashwa kwesinye sezibhedlela saseThekwini, olwalungeniswe kusona emva kokuxinwa yisifo sokuphefumulela phezulu ngokweqile.
Elandisa Isolezwe ngokubakhathazayo uMnuz Ramanka Letele, uyise kaNthabiseng, owazalwa ngoJanuwari wango-2023, uthe ingane yakhe yazalwa kungakabi yisikhathi. Yabelethelwa esibhedlela iKing Edward, lapho yagcinwa khona cishe amasonto amabili ngaphambi kokuthi beyidedele ngoba sekubonakala ukuthi konke kwase kuqondile, futhi isingagoduka iyokhulela ekhaya.
Uthe indodakazi yakhe ibikhula kahle njengazo zonke izingane, okuthe ngokuqhubeka kwesikhathi yaqalwa yinkinga yokuthi iphefumulele phezulu ngokweqile, kube sengathi kukhona into eyicindezele emphinjeni, kube ngathi iyahonqa ekubeni ingalele.
“Sayiphuthumisa eKing Edward lapho eyayivele izalelwe khona, futhi obekuyilapho ebesiyisa khona uma kukhona okwezempilo okudingeka ukuthi yenziwe noma ihlolwe khona. Kwathi isilapho, bayedlulisela kwesinye isibhedllela Inkosi Albert Luthuli, ngoba bekhala ngokuthi isifo esiyiphethe ngeke bekwazi ukuselapha.
“Isikuleso sibhedlela, bahlonza inkinga bayithola, bathembisa ukuthi bazoyelapha kulesi sifo esayiphethe, abasitshela ukuthi bathola ukuthi kunento ekhula ngaphakathi kuyona emphinjeni. Lokhu bekwenza icindezeleke ngale ndlela obekwenzeka ngayo isaphila. Saba nethemba lokuthi izinto zizolunga, singazi ukuthi kuzogcina kuphetha ngokuthi ife kanjena,” kusho yena.
Eqhuba, uthe odokotela base-Albert Luthuli bayelapha ingane yakhe kulesi sifo esasiyiphethe. “Nokho bexwayisa ngokuthi kwakungenzeka siphinde siyihaqe ngokuqhubeka kwesikhathi, baseluleka ngokuthi kuzodingeka ukuthi sihlale siyiletha kubona njalo emva kwesikhathi esithile ukubheka ukuthi ayinankinga”.
“Egcina ukungeniswa esibhedlela kwakuwuJanuwari 7, kumele ayohlinzwa ngoba kubonakala sengathi isiqale phansi le nto emphethe. Kwaphela usuku lonke bengasazisi lutho ngokuthi izinto zihamba kanjani, kwaze kwaba wumhla ka-12 abasitshela ngawo ukuthi ingane isishonile,” kuchaza uyise.
“Nokho okusididayo ngalokho wukuthi encwadini efakazela ukufa komntwana akucaci ukuthi wabulawa yini, okwenza singagculiseki ngendlela abasingathe ngayo lesi simo. Konke lokho kwenza sicabange ukuthi kukhona abasifihlela khona ngokufa kwengane yethu.”
Uthe bazamile ukusukumela lolu daba, bathola nommeli obekade ethembise ukubasiza kulona. Kodwa naye wabalaxaza ephuzwini lokuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nale nkinga.
Uthe ukhathazekile ngokuthi bashonelwe yingane yabo isencane kangaka, isimo athi sesenze kwaba muncu phakathi kwakhe nonina womntwana, akusemnandi ebudlelwaneni babo bobabili.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Nathi Olifant, ucebise lo mndeni ukuthi uxhumane nesibhedela kuqala; okungaba wumphathi waso noma owophiko lwezokuxhumana ukubheka nokuxoxisana ukuthi lungalungiswa kanjani lolu daba.