AMAHLALAKHONA abambezele ukuhlolwa kwengqondo yosolwa kwelokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.
Kuhlaluke ukuthi odokotela abakaqedi ukumhlola ingqondo umsolwa wesithathu kuleli cala, uMnuz Mlungisi Ncalane.
Inkantolo yayalela ukuthi uNcalane ayohlolwa ingqondo ngo-Agasti, esibhedlela sabaphazamiseke emqondweni, iFort Napier.
Ukuhlolwa kukaNcalane kwezinsuku ezingu-30 kufanele engabe kwaphothulwa ngenyanga edlule.
Ngesikhathi icala libuyela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uMshushisi, u-Advocate Elvis Gcweka, uthe uNcalane usazoqhubeka nokuhlolwa ingqondo.
"Sithole umbiko othi odokotela abakwazanga ukuqhubeka nokumhlola ingqondo ngenxa yokuthi ubephethwe amahlalakhona. Odokotela banqume ukuthi bamgcine esibhedlela ngethemba lokuthi bazomhlola uma amahlalakhona esengcono."
UGcweka uthe kulindeleke ukuthi uNcalane ayohlolwa ingqondo ngo-Okthoba 28.
Akusikhona okokuqala uNcalane ehlolwa ingqondo, umbiko wokuqala wathola ukuthi ingqondo yakhe iphazanyiswa ukuphuza utshwala ngokweqile nokushuka insangu.
Lo mbiko wethulwa enkantolo ngo-2022, kulo nyaka abameli bakhe baphinde bafaka esinye isicelo sokuthi aphinde ayohlolwa ingqondo, bekhala ngokuthi isimo sakhe asibi ngcono.
UNcalane umangalelwe noMnuz Sbonelo Myeza, Mbulelo Mpofana, noSibusiso Ncengwa.
Icala labo lihlehliselwe uNovemba 4, lapho kuhlelwe ukuthi liqhubeke nokuqulwa.
Kepha ummeli kaNcalane noMyeza, u-Advocate Shane Matthews, uthe kungase kungaqhubeki ukuqulwa kwecala ngoNovemba 4.
UMatthews uthe bazocela ukuthi icala lihlehle, wakhala ngokuthi uMbuso uyanqaba ukubanika umbiko wokuhlolwa kwesibhamu okwabulawa ngaso uMagaqa.
"Ngesikhathi icala liqala ukuqulwa, sacela ukuba sinikezwe umbiko wokuhlolwa kwesibhamu. Satshelwa ukuthi kufanele siye esikhungweni sokuhlolwa kwezibhamu esisePort Shepstone.
"Sesizame kaningi ukuthola umbiko, silokhu siyiswa le nale. Manje sekufike lapho sicikeka khona. NgoNovemba 4 sizocela ukuthi icala lihlehle size sithole umbiko esiwufunayo."
UMagaqa wasocongwa ngo-2017, wadutshulwa ebuya emhlanganweni wamakhansela kuMasipala waseMzimkhulu.
UMagaqa kukholakala ukuthi wabulawelwa ukulwa nenkohlakalo.