UFAKAZI woMbuso, iMantshi uNkk Vivienne Cronje, ufunde isitatimende esiveze ukuthi abamangalelwa bashayela uKelly Khumalo ucingo ngesikhathi sebesuka beyodubula umufi uSenzo Meyiwa.
Kuvela lokhu nje phambilini ofakazi ababesendlini bathi uMeyiwa wavinjwa esehamba, kwathiwa akabuyele endlini azovalelisa kahle nokwathi emuva kwalokho kwaba yisikhashana kwangena abahlaseli.
UNkk Cronje ufunde isitatimende sikammangalelwa wesibili uBongani Ntanzi athi wasenza evuma iqhaza lakhe ekufeni kukaMeyiwa. UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kaKelly ngo-2014 eVosloorus, eGauteng.
Ufakazi uthe uNtanzi walethwa kuyena wathi ufisa ukubhala isitatimende achaze konke akwaziyo ngalolu daba. Uthe uNtanzi wamtshela ukuthi yena washayelwa wummangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli emazisa ngetoho.
Ufakazi uthe uNtanzi wasuka eCarletonville, eGauteng, waya ehostela eVosloorus eyozwa kahle ngomsebenzi ayebizelwa wona. Uthe kulapho abamba khona umhlangano nommangalelwa wokuqala uMzikawukhulekwa Sibiya nowesihlanu uNtuli.
Uthe bamtshela ukuthi kuyobulawa uMeyiwa nokuwumsebenzi abawunikwe wuKelly.
“UCarlos (ummangalelwa wesithathu) noMaphisa (ummangalelwa wesine) bashayela uKelly ucingo bemazisa ukuthi konke kuqondile, sesiyeza. Sasihamba nePolo Vivo kodwa ezimpambanweni zomgwaqo sahlangana nenye iPolo Vivo yabanye esasizohamba nabo,’’ kusho isitatimende sikaNtanzi.
Isitatimende siveza ukuthi uNtanzi nommangalelwa wesithathu uMthobisi Mncube yibona abangena endlini. Kuvela ukuthi ummangalelwa wesithathu wabakhomba ngesibhamu wathi abalale phansi kodwa umufi uMeyiwa wathatha isihlalo wazama ukushaya uMncube.
Kuvele ukuthi balwa wabe eyadutshulwa uMeyiwa, uNtanzi waphuma ngejubane namaselula. UNtanzi uthe abanye abamangalelwa bambona ukuthi uthukile bamsabisa ngokuthi uma eke wakhuluma nje uzofa.
Isitatimende sikaNtanzi siveza nokuthi umndeni wommangalelwa wokuqala uSibiya wake waba nenguyazana ngalolu daba. Kuvele ukuthi omunye wodadewabo bakaSibiya wayefuna ukumceba emaphoyiseni ukuthi uyathinteka ekufeni kukaMeyiwa.
Icala liguqele ukuthi libuyele enkantolo kusasa lapho kuzoqhutshekwa kulalelwe ubufakazi boMbuso.