UMKHANDLU wamabandla eNingizimu Afrika, iSouth African Council of Churches (SACC), usugqugquzele abantu ukuthi babhalisele ukuvota.
UNobhala Jikelele weSACC, uMbhishobhi Malusi Mpumlwana, uthe kubalulekile ukuthi abantu babhalisele ukuvota ngoba ukhetho lwangonyaka ozayo luzobe luhluke kakhulu.
“Ngonyaka ozayo sizoba nohlu lokuvota olude. Kuzobe kukhona nabantu abazimele, abangajutshiwe ngamaqembu epolitiki ngakho kubalulekile ukuthi sivote. Kumele sivote ukuze sibe nekusasa eliqhakazile neNingizimu Afrika esihlale siyithandazela,” kusho uMpumlwana.
Uthe uyakuqonda ukuthi abantu bakuleli abasenalo ithemba kumaqembu epolitiki wathi kodwa ivoti alisho nje ukuthembela eqenjini lepolitiki kodwa lisho ukuthi ovotayo uzimisele ukuletha uguquko.
“Ukuze kube noguquko esilufundayo kufanele siqale ngokubhalisela ukuvota. Imithetho iqinile manje, isithi umuntu akavote lapho ehlala khona. Yingakho sibagqugquzela abantu ukuba babhalisele ukuvota ngempelasonto,” kusho uMpumlwana.
Ukhumbuze abantu ukuthi ivoti akusikho nje ukubeka uphawu eduze komuntu othile kodwa kuwukuzibophezela emphakathini, kwisizukulwane sakho nakuwe uqobo ukuthi ufuna impilo engcono ezolethwa yivoti lakho.
Uthe abavotelwa baya kwizishayamthetho lapho befike bashaye imithetho ehlukene ngakho kubalulekile ukuthi abantu babhalisele ukuvota ukuze bamelwe ngabantu abazobalethela impilo abayifunayo.