UTHEMBISA ulozolo lodwa umsakazi woKhozi ozobe ephethe uhlelo emcimbini wabesifazane ohlelwa Isolezwe , iNtandokazi Women's Club ongenyanga ezayo.
USelby ‘Selbyonce’ Mkhize osakaza uhlelo iWoza nabangani bakho olungena emsakazweni Ukhozi ngo-3 kuya 6 alusakaza ngokubambisana noTshatha Ngobe, uzobe ephethe uhlelo kulo mcimbi ozobe useCoastlands Hotel, eMusgrave ngo-Okthoba 5. Uthe izihambeli zalo mcimbi ezinye zazo zingabalaleli bakhe ngakho uyazi ukuthi badingani.
Uthe uyakwazi ukushintshashintsha abe ilokho okusuke kudingwa ngabantu abasuke besemcimbini.
"Ukuhlangana kwabantu besifazane emcimbini onjengalo kusuke kusho ukuthi bazocobelelana ngolwazi, bafundisane ngezindlela zokusombulula izinselelo ababhekene nazo, bathole namasu abangawasebenzisa emakhaya ukuze amakhaya abo ahlale emahle. Okukhulu kakhulu kusuke kungukuzojabula bakhohlwe izinkinga nezinselelo zabo. Kulo mcimbi sizohleka, sidanse senze konke okusijabulisayo ngaphezu kwalokho sizobe sidle ingqephu ngephinifa. Elami sengiyalithungisa, ngifuna ukuthungisa elihlukile elizokwenza ukuthi wonke umuntu aphenduke nami, ngoba umuntu wesifazane kumele akhange," kusho uSelby ehleka.
UNksz Phumi Mkhize wophiko lwezokukhangisa kwiSolezwe, uthe abafundi abaphuthume bazithengele amathikithi alo mcimbi asatholakala kanti ithikithi ngalinye liwu-R500 eTicketPro.