UKUTHOLA ithuba lokufudukela eChina, ukuyofundisa isiNgisi iminyaka eyisishiyagalolunye khona, kwenze waqaphela ukuthi abantu bakhona abaningi bathanda izilimi zabo, obekwenza kube nzima kuyena ukuxhumana nabo ngoba beshayisana olwimini.
Yilokho okwenze uNksz Nokukhanya Zulu (33), wafikelwa yicebo lokuqala ibhizinisi lokufundisa abantu isiNgisi ngoba eqonda ukuthi lungezinye zezilimi ezikhulunywa kakhulu emhlabeni, okuba nzima uma ungakwazi ukulukhuluma ngendlela efanele.
Uyisungule kanjalo i-Quent Corporate Communications, inkampani esebenza ngobuchwepheshe besimanje, egxile ekufundiseni abantu abangasazi isiNgisi, ukusikhuluma nokusibhala ngendlela efanele, ukuze bakwazi ukuxhumana kahle nabanye abantu abangazazi izilimi zabo zebele.
“Siqoke ukuqala ngesiNgisi ngoba sibona ukuthi yilona lwimi okuxhunyanwa ngalo kakhulu emhlabeni, ikakhulu ezindaweni zokusebenza. Sisebenzisa ulwazi lwethu lwezilimi ukwenza kungabi nzima kubantu ukuqaqeka uma bekhuluma,” usho kanje.
Eqhuba, uthe amakhasimende abo amaningi ngaqhamuka ko-Angola, Gabon nakwamanye amazwe omhlaba okungakhulunywa isiNgisi kuwona.
“Sisebenza ngendlela yobuchwepheshe besimanje engenamicikilisho eminingi nenzima. Umuntu osidingayo, uxhumana nathi, bese sibonisana ukuthi sizomfundisa nini, kuncike ekutheni uba matasa kangakanani nsuku zonke. Sifundisana kusuka emahoreni awu-10 kuya kwawu-30, kanti sibiza ngamaSola aseMelika, ukwenza kube lula ukukhokhisa amakhasimende ethu akwamanye amazwe,” kusho uNksz Zulu.
Le ntokazi eneziqu zokulingisa, ezigxile esiNgisini zaseRhodes University, ithe izifundo zabo zivumeleke ukufundisa umuntu ngayedwana nangamaqoqo, kuya ngokuthi ikhasimende lifunani.
Uthe enkampanini yakhe useqashe abantu abane abamsiza ukuqhuba umsebenzi. “Akuwona umsebenzi olula ngoba abanye abantu abayethembi into esiyenzayo, abayibuka njengento ewumdlalo nje. Nokho asipheli moya ngoba siyazi ukuthi kusekude lapho esibheke khona ngawo, njengoba inhloso yethu kuwukugcina sinamakhasimende umhlaba wonke,” kusho yena.
UNksz Zulu udabuka eMlaza, eningizimu yeTheku. Uphothule u-matric eKingsway High, eManzimtoti ngo-2009, futhi uneziqu iMaster’s of Art in International Education, aziphothule e-University of Leicester, e-England, ngo-2020.