Izikawoti zamantombazane, amaGirl Guides, ziseneqhaza elikhulu ezingalibamba ekubumbeni amantombazane abe ngabesifazane abaqotho.
Lokhu kushiwo nguNkk Nozizwe Maphanga ongumgqugquzeli wamaGirl Guides KwaZulu-Natal.
UNkk Maphanga, obenguthisha eNgweni Primary eNquthu, uthe kunesikhathi lapho amaGirl Guides ake ancipha ngoba bekukholeka ukuthi awusekho umsebenzi wawo.
AmaGirl Guides ayinhlangano ekhulisa abafundi bamantombazane emhlabeni wonke, umsebenzi wawo wukufaka amantombazane ezinhlelweni ezizowasiza ukuze afunde ukubekezelelana ngokwenkolo bese efundisa nabanye abantu ngalokhu. Afunde ukuvuselelana ngokuthi singaba kanjani ngamalungu omphakathi waseNingizimu Afrika oqonda ngezidingo zethu, ukusiza abanye abantu, ukunqanda ukushushumbiswa kwabantu nokunye.
UNkk Maphanga, oseneminyaka eyisithupha ewumgqugquzeli wamaGirl Guides kulesi sifundazwe, uthe wangena kule nhlangano esewumfundi wakhula waze waba ngumphathi wawo esenguthisha ngakho uyakwazi ukubaluleka kwawo.
"Ipolitiki iholele ekutheni ilothe le nhlangano kuleli kodwa manje isivukile futhi. Ezikoleni othisha bayakugqugquzela ukuthi amantombazane nabafana babe yizikawoti. KwaZulu-Natal sinezifunda eziyisithupha futhi amanye aphuma kulezi zifunda aseke ayohlanganyela namanye amantombazane engqungqutheleni yomhlaba yamaGirl Guides lapho kudingidwa khona ngezinto ezithinta amantombazane, kwenziwa nezinhlelo ezizowasiza ngokuthi abe nokuzethemba njengokuthi akwazi ukuba nenkulumo-mpikiswano ," kusho uNkk Maphanga.
UNkk Maphanga uthe ukuba yisikawoti kuqala entombazaneni eneminyaka emihlanu, ukhule ngezigaba zakhona. Uthe silandelwa esamantombazane aneminyaka eyisikhombisa kuya kweyishumi kuze kube esamantombazane aneminyaka ewu-17.
Uthe sikhona isigaba samantombazane aneminyaka engaphezulu kwengu-17 kuze kuyofinyelela kwabesifazane abekhulile.
“Kulezi zigaba kunezinhlelo ezehlukene ezifundisa amantombazane ngezinto eziningi ngokweminyaka yawo. Isigaba samantombazane aneminyaka ephakathi kweyisikhombisa nengu-10 kufundwa sakudlala, okungaba amakhono adingekayo empilweni afana nokubasa umlilo, ukuzinakekela nokunakekela imvelo. Ngesikhathi intombazane ikhula ziningi izinhlelo engena kuzo, ezinye ezokuvolontiya ukusiza umphakathi, ukufundisa umphakathi ngezifo ezisuke zikhona ngaleso sikhathi nokunye,” kusho uNkk Maphanga.