UKHUTHAZE abesifazane ukuthi bafunde ukuze bathole amathuba angcono empilweni oyiPhini likaSihlalo weBhodi lenhlangano ephakela omasipala nezimboni amanzi, uMngeni-uThukela Water.
UNksz Nothando Mkhize (32) uyilungu lebhodi eliselincane nangokweminyaka eMngeni-uThukela Water. Uthe into emenze wangena kuleli bhodi wulwazi olunzulu analo emkhakheni asebenza kuwo.
Uthe ukufunda kuyamsiza ukwenza umsebenzi wakhe ngoba uke wasebenza njengonjiniyela edweba ingqalasizinda yamanzi ngakho wazi konke ngalo mkhakha.
“Ukufunda kubalulekile ngoba njengoba ngiyilungu lebhodi, kufanele ngazi ngokwenzeka eMngeni-uThukela Water. Uma onjiniyela bengichazela okwenzekayo ngiyakwazi ukubuza imibuzo ephusile. Ngeke bangizele namaqhinga ngoba ngazi kahle ukuthi ingqalasizinda kufanele yakhiwe kanjani futhi kufanele isebenze kanjani,” kuchaza uNksz Mkhize.
Uveze ukuthi ukuba yilungu lebhodi esemncane kunezingqinamba zakho ngoba kufanele uchaze ukuthi wenze kanjani ukuze ungene ebhodini, kwazise kunabantu abangakholwa ukuthi ufike kulesi sigaba ngolwazi lwakho.
“Abanye abantu banomkhuba wokubukela phansi abesifazane abamnyama. Uthola ukuthi uma ungowesifazane omncane, omnyama kufanele uchaze ngaso sonke isikhathi ukuthi ufike kanjani lapho ukhona. Abantu abakholwa nje ukuthi ufike kule ndawo okuyo ngeziqu nolwazi lwakho. Abanye baye bazitshele ukuthi yingoba uzalwa ngumuntu othile odumile, wazi othile noma unobudlelwano nabathile. Lokhu singalwa nakho uma sifunda futhi sinolwazi ngomsebenzi esiwenzayo,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe ukuba mncane kusho ukuthi kufanele awachazisise kahle amaphuzu akhe kodwa ngoba ungumuntu onolwazi ozakwabo ebhodini bayamhlonipha njengoba bebona ukuthi uyayazi into akhuluma ngayo.
Uveze ukuthi waqala ukuba sebhodini eneminyaka ewu-26 ngesikhathi eqokelwa kwelaseMhlathuze Water.
Ugqugquzele abesifazane ukuthi bawasebenzise ngendlela efanele amathuba abawatholayo futhi bayeke ukuzingabaza.
“Abesifazane bavamise ukuzingabaza bona kuqala ngaphambi kokuba batshelwe womunye umuntu ukuthi ngeke bakwazi ukwenza into ethile. Asiwuyeke lowo mqondo, sithi uma sinikwa amathuba siwasebenzise. Njalo uma uthola ithuba ubozibuza ukuthi uma ngingawenzi lo msebenzi uzokwenziwa wubani,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe ibhodi aligcini nje ngokubukela okwenzeka eMngeni-uThukela Water kodwa lenza isiqiniseko sokuthi wonke umsebenzi ohleliwe uyenzeka nokuthi isenti nesenti lenza elihlelelwe kona.
“Uma ibhodi lihambela kude yilona elizongena enkingeni. Kufanele liwubheke umsebenzi owenziwayo, liqinisekise ukuthi yonke imali yenza okufanele. Uma kukhona okungahambi kahle abantu bokuqala abaphendulayo yibhodi ngoba uNgqongqoshe wezaManzi neNhlanzeko usuke efuna incazelo. Amanzi abalulekile ngakho kufanele siwenzisise umsebenzi wethu,” kusho uNksz Mkhize.
Le ntokazi ineziqu ezehlukene okubalwa kuzo ezeCivil Engineering, Project Management futhi ingumqondisi ogunyaziwe njengoba inezincwadi eziyigunyaza ukuba wumqondisi ezivela kwi-Institute of Directors in South Africa.
UNksz Mkhize udabuka eHluhluwe lapho efunde khona eHluhluwe Public School, wadlulela eDlangezwa High naseKhombindlela High. Wenza iChemical Engineering eTshwane University of Technology, wayishiya phakathi waya eMangosuthu University of Technology lapho enze khona iziqu ze-Civil Engineering.
Udonse ngendlebe okufanele bakhokhele amanzi ukuthi bawakhokhele ngoba leyo mali isiza ukuwahlanza, ukulungisa ingqalasizinda nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyawathola.
Uthe yize engajutshiwe ukukhulumela omasipala kodwa uyacela ukuthi abantu bakhokhele amanzi ngoba ayisidingongqangi okungaphileki ngaphandle kwaso.
Wenze isibonelo sokuthi uma umuntu ekwazi ukukhokhela iDStv kusho ukuthi uzokwazi ukukhokhela amanzi.
Uphinde wagqugquzela abesifazane ukuthi bafunde wathi noma ngabe abanayo imali mabafake izicelo zama-leanership nokunye okuzobasiza ukuthola izitifiketi nolwazi.
“Uma usalinde umsebenzi, yibe ufunda uthi ukufica umsebenzi ukuthole uneziqu noma izitifiketi ezehlukene. Ngisho kungathiwa udayisa izithelo nemifino yenza lokhu kodwa ube ufundela okuthile. Ibalulekile imfundo ngoba iyasisiza ngolwazi lokuphila nolokusebenza emikhakheni ehlukene,” kusho uNksz Mkhize.