UKUVUMA kukankosikazi wokuqala ukuthi umyeni wakhe athathe isithembu ngomlomo akusho lutho, uma eshona unkosikazi wokuqala uthola uhhafu wefa.
Lokhu kushiwo uNksz Wendy Cele wenkampani yabameli, iWendy Cele and Associates ozobe eyisikhulumi emcimbini wabesifazane ohlelwa Isolezwe, iNtandokazi Women's Club ozoba ngenyanga ezayo. Umcimbi uzobe useCoastlands Hotel, eMusgrave. Amathikithi okungena abiza uR500, atholakala eTicket Pro.
UNksz Cele uzobe ekhuluma ngezinto zomthetho ezithinta umndeni, iFamily Law
UNksz Cele uthe abesifazane abaningi bangena esithenjini bengazi ukuthi uma kwenzeka umyeni eshona ngeke bahlomule lutho ngoba bazi ukuthi nabo bagcagcile futhi banemizi yabo kanti abazi ukuthi unkosikazi wokuqala usashade nalowo myeni umshado ohlukanisa amafa. Owesintu abacabanga ukuthi bawushadile, awubhalwanga ndawo.
"Amadoda amaningi ashada isithembu asuke eshade umshado ohlanganisa amafa namakhosikazi awo okuqala. Uma esefuna ukuthatha isithembu, kusuke sekumele unkosikazi wokuqala avume ukuthi kuthathwe omunye unkosikazi ngokuthi yena avume ukuphuma kulowo mshado bese engena nabanye omama emshadweni wesintu, i-Customary Marriage. Kuyenzeka unkosikazi wokuqala azithole esengcindezini bese evuma ngomlomo ukuthi akulotsholwe unkosikazi wesibili kushadwe. Mhlawumbe aze athengelwe nomuzi lo nkosikazi ‘wesibili’ kodwa uma indoda ishona noma bedivosa, uthola uhhafu wefa elisuke lihlanganisa nalokho okufakwe unkosikazi ‘wesibili’ emshadweni,“ kusho uNksz Cele.
Uthe abanye abantu besifazane bakhohliswa ngencwadi yefa acabange ukuthi uzothola njengonkosikazi kanti cha. Uyothola lokho akutholayo unkosikazi wokuqala esethole uhhafu wakhe, nakuwona lo wesibili uthola ngokulinganayo nezingane," kusho yena.
Uthe okunye okudida abantu besifazane abaningi into entsha esingenisile yokuthi abesifazane balotsholwe ngosuku olulodwa baphinde bashade ngosuku olulodwa.
"Ngokomthetho umuntu ushada nomuntu oyedwa ngosuku, okusho ukuthi usayina inkontileka eyodwa ngosuku. Lokho kungenzeka kuphela uma bonke abashada ngosuku olulodwa beqale ngokusayina izinkontileka zabo ngezinsuku ezihlukene bese umcimbi wokushada ube ngosuku olulodwa," echaza.
Uthe okunye okuholela ekutheni kube nombango omude ezinkantolo ukuthi indoda ilobole izingoduso ezingaphezulu kweyodwa ingashadi ize ificwe isikhathi sokufa.
"Uma zonke izingoduso ziya enkantolo ziyofaka isicelo enkantolo sokuthi zamukelwe njengonkosikazi ngokomthetho wemishado yesintu, kuba udaba olunzima ukuthi inkantolo iluxazulule. Kuphela iminyaka lungaxazululeki," kusho yena.