Umbuzo:
NGIYINSIZWA yasemakhaya ehlala khona futhi nangokwamatoho ngisebenza ngapha emakhaya. Kwenzekile ke ngelinye ilanga ngavakashela edolobheni ngabe sengihlangana nentokazi engiyibuke yangithatha ngayithanda ngendlela yokuthi ngizamile ukuxhumana nayo kwaze kwaba siyavumelana. Ngiyamthanda umntanomuntu yize engewasesilungwini kodwa.
Inkinga ukuthi layi khaya abayizwa kahle indaba yokuthi ngifuna ukulobola intombazane yaselokishini. Bashaya phansi ngonyawo, bathi le ntombazane izongiqola nje, hhayi ngoba ingithanda futhi bathi angeke ivume ukuzohlala la emakhaya uma sesiganene. Yize ingakaze isho yona ukuthi kuzoyihlula ukuba unkosikazi wasemakhaya kodwa ekhaya babona sengathi ngeke ize ikwazi ngisho ukuyotheza izinkuni ehlathini. Ngisize MaGumede ungibonise ukuthi ngenzenjani ngale nto ngoba ngiyayithanda le ntombazane futhi ngizimisele ngokuyilobola.
Impendulo:
KWESINYE isikhathi akusho lutho ukuthi umuntu ungowakuphi okanye uzalelwe kuphi ngoba bakhona nalabo abazalelwe bakhulela emakhaya kodwa abangazi lutho ngezinto zobufazi. Angazi ukuthi ekhaya kini sebeboneni kulo sisi njengoba sebesho nokuthi ngeke alunge futhi ngeke avume ukuba umfazi wasemakhaya. Ukube kuya ngami bengizothi ngicela naye anikwe ithuba aveze ukuthi ngempela kuyamhlula yini. Mhlawumbe nje ngeke aze ahluleke futhi ke kumele ukuqonde ukuthi umfazi ozomthatha owakho futhi ukhethwe yinhliziyo yakho, ngakho ke ungenzi into ngoba uthi ufuna ukujabulisa abantu bakini. Uma wena umthanda futhi uzimisele ngaye, naye engenankinga nalokho kumele nenze okuzonijabulisa ukuze ngelinye ilanga ungakhali ngabantu bakini. Kufanele wenze okuthandwa yinhliziyo yakho ngoba ngikholwa ukuthi usukhule ngokwanele.