UMBUZO
MaGumede, nginenkinga. Ngishadile, ngalingeka ngajola. Ngathi ngisendaweni yokulala neshende ukuze sijabulisane, kwaqhamuka umngani womyeni wami, naye ephuma khona. Wangibamba neshende.
Manje inkinga ukuthi uthi uma ngingafuni atshele umyeni wami, angimzwise naye. Angifuni ukulahlekelwa umyeni wami kodwa futhi ngiyasaba ukumzwisa lo bhuti.
Ngisaba ukuthi ngizokwenzenjani uma esefuna ngimzwise njalo, engasafuni siyeke ngoba uzolokhu engisabisa ngokuthi uzotshela umyeni wami?
Ngicela ningibonise ngenzenjani?
Impendulo.
Asiqale silungise lapha. Awulingekanga wena, vuma ukuthi isimilo siyaxega.
Uma uzolala nalowo, uzoqhubeka ukulala nawo wonke umuntu njengenjwayelo. Uma ungafuni ukulahlekelwa umyeni wakho awulokothi uzihlanganise nomunye umuntu wesilisa ngoba wafunga.
Uwena owaziyo ukuthi umyeni wakho yini lena angakuniki yona kodwa oyithola eshendeni futhi ngeke ngikwahlulele kodwa uze wazi ukuthi ukuvuma kwakho ukuzwisa umngani kamyeni uzobe ufaka amanye amanzi endlini, ongeke usakwazi ukuwakhipha.
Angithi umngani kamyeni akanibambanga nilele neshende kodwa wanibona senihamba?
Phika-ke ntombi, uphike yonke into.