KUNABANTU abakhetha ukuthi uma sekuyilesi sikhathi sonyaka “baziKhisimuse” ngokuthenga izimoto ezintsha abatetemuka ngazo ngamaholidi.
Ukuthenga ngalesi sikhathi kunobuhle nobubi bakho, ngokusho kukangoti wezezimoto uSibonelo Myeni we-iMoto Online.
UMyeni, ojwayele ukuzwakala kuKhozi FM eluleka abathengi nabashayeli bezimoto ngezinto ezahlukene, uthe abantu kumele baqaphele uma bethenga imoto ngalesi sikhathi.
“Into enhle ngokuthenga imoto ngalesi sikhathi wukuthi uhamba ngemoto entsha. Noma ingeyintsha sha kodwa isuke iyintsha kuwe. Uma iyintsha sha kuba kuhle kakhulu ngoba uhamba ngokukhululeka wazi ukuthi ngeke ulindele zinkinga kuyo,” kusho uMyeni.
Uthe namagaraji aba nezaphulelo kodwa ziba zinkulu kakhulu uma kuqala unyaka.
“Amagaraji asuke efuna ukufeza akalelwe khona ngokwesibalo sezimoto okumele azidayise bese eba nezaphulelo. Azizinkulu kakhulu ngoba abantu bayathenga vele. NgoJanuwari nangoFebhuwari yilapho eziba nkulu khona ngoba yizinyanga ezimbi okwaziwa ukuthi abantu abanamali ngazo. Maningi amathuba okuthi uthole izaphulelo ezinkulu. Okunye wukuthi izimoto ezingama-demo uyazithola ngoba amagaraji asuke esefaka ezintsha.”
Uthe okubi ngokuthenga manje wukuthi ngoJanuwari leyo moto emabhukwini izobe isindala ngonyaka ngoba kuzothiwa yinhlobo yango-2024 nokuzokwehlisa kakhulu intengo yayo.
Uveze ukuthi ayikho eyokuthi uyithenge manje bese uyibhalisa ngonyaka ozayo uzama ukubalekela ukwehla kwentengo.
“Ukuthi awuyifakile i-number plate akusho lutho ngoba usuke ufake imvume yesikhashana yokuyibhalisa.”
Uthe abantu kumele baqaphele ngokuhehwa ngokuthi bathenge imoto manje bese beqala ukukhokha ngemuva kwezinyanga ezimbalwa ezizayo.
“Noma ngabe kuthiwa uzoqala nini ukukhokha kodwa ekugcineni uzokhokha. Uma kuthiwa uqala ukukhokha ngoJuni intengo yemoto iqala manje ukwehla kodwa isikweletu asehli. Usuke ubalekela into engekho ngoba intengo yemoto yehla kakhulu okwedlula imali oyikweletayo. Angiyiboni kuyinto enhle. Ngokujwayelekile nenzalo isuke iphezulu kanjalo ne-balloon payment. Uma unebhonasi nje vele uyithathe uyifake njengediphozi yemoto ngoba lokho kusiza ngokuthi uzinciphisela isikweletu. Imoto ithi yehlelwa yintengo nawe uyehlisa bese i-shortfall ingabi nkulu.”