IMOTO: CITROEN C3 AIRCROSS
ZININGI izinkampani ezihoxile ukudayisa izimoto zazo kuleli eminyakeni eyedlule ezinye zakwazi ukuphinde zibuye.
Enye yazo kwaba yiCitroën eyavalelisa ngo-2016. Kuthe ngemuva kweminyaka emithathu kwaphinde kwavela imibiko yokuthi ikhuza ibuya.
ICitroën ingaphansi kweStellantis Group eyengamele izinkampani eziningi zezimoto okubalwa kuzo iPeugeot, Jeep, Fiat, Opel nezinye.
Yize iStellantis ibalwa nezinkampani ezinkulukazi zezimoto emhlabeni kodwa kuleli ayifiki ngisho ezimotweni ezingu-1000 ezidayisa ngenyanga.
Angazi noma ukuhoxa kokudayisa kwezinkampani ezifana neCitroën ziphinde zibuye kunomthelela yini kulokho. Kungenzeka abantu bavele bakhohlwa baziqhubekela phambili bazibhekela ezinye izimoto.
Yize kunjalo kodwa le nkampani ayisongile izandla, iyazama ukuzibuyisa ezinhliziyweni zabathandi bezimoto.
Muva nje yethule iC3 Aircross okuyiSUV eyakhiwa e-India. Ifika ngezinhlobo ezimbili okungelayisha abagibeli abayisihlanu nenezihlalo ezengeziwe elayisha abayisikhombisa.
Ingenye yezimoto ezinde esigabeni sayo njengoba ingu-4.32m ubude. Embangweni ibhekene neSuzuki Grand Vitara, Toyota Urban Cruiser nezinye yize yona inezihlalo eziyisikhombisa.
Ngokwezihlalo eziyisikhombisa, ezinye izimbangi kungaba yiHonda BRV yize kuzomele wengeze cishe u-R50 000 entengweni yeC3 Aircross. Kukhona namaMPV okubalwa kuwo iMitsubishi Xpander neSuzuki Ertiga angagcini ngokuncintisana nayo ngezihlalo eziyisikhumba kodwa nangentengo.
Ngaphandle iC3 Aircross akuyona neze imoto embi.
Ngaphambili ishaya nge-grille ecwebezelayo, bese iba namaLED daytime running lights kuthi ngezansi ibe nama-fog lights.
Ubude bayo buyagqama uma uyibuka ngohlangothi kanjalo namarimu ayo angu-17 inch.
Okhakhayini akukhona kuphela ama-roof rails kodwa inombala ohlukile okuyinto ongadingi ukuyengezela imali.
Ama-roof rails, ama-skid plate kanjalo nokushiya kwayo igabade ngo-200mm kuyenza ibukeke njengeSUV ephelele.
Empeleni lokhu kuphakama kwayo ng-200mm kungenze ngakhululeka ngigudla obhuqwini ngaseShongweni. Kukhona lapho bekunomgodi onamanzi ngaba manqika. Ngithe uma ngibona iveni lingena liphuma ngase ngiyifaka yawela ngale kokushaya phansi.
Inenjini yi-three cylinder engu-1.2 litre turbo kaphethroli. Amandla angu-81kW ne-torque engu-205Nm kanti u-gearbox uyi-6 speed auto.
Le njini yenza umsindo osakundonda omnandi futhi namandla ngiwezwe ekahle. Angilitholanga ithuba lokulayisha igcwale ngiyizwe iwuthwala kanjani umthwalo kodwa angiboni kungaba yinkinga kangako.
Kuphethroli ibingasondele nakancane ku-6.3l/100km oshiwo kubo kwayo njengoba ibihleli ku-8.0l/100mm
Ngiyakuthanda ukuthi abazikhohlwanga ezokuphepha njenge-Electronic Stability Control amabhreki e-ABS, ayihlehli uma usuka endawnei enyukelayo, nama-airbag ngaphambili yize bengingathanda athi ukuthi xaxa.
Iphinde ibe nekhamera eveza ingemuva kanjalo nama-sensor. Isiteringi sithambe kahle nokwenza kube lula ukupaka.
Ngithe ngivula isicabha ngemuva kokuhamba obhuqwini kwaphoqeleka ukuthi ngiqaphele ngingangcoli umlenze uma ngehla ngoba bese lunamathele onqenqemeni lwesicabha. Alusalanga ngaphandle kwaso nokuyinto eyenzeka kuzo zonke izicabha. Njengoba ine-wheelbase engu-2 671mm nje, ngiyibone ivuleke kahle. Yize kunjalo kodwa ubukhona bezihlalo zangemuva kuyiqeda nya ibhuthi. Okuhle wukuthi ziyaphuma isikhala bese siba wu-511 litres.
Izihlalo zikahle aziqinile kanti njengomshayeli uhlala ukhululeke uyibone kahle indlela futhi uphumuze nengalo. Ezicabheni izishaya sandwangu engiyibona ngokuhamba kwesikhathi izohamba ikuveze ukungcola ngoba ibambeka kalula.
Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system engu-10 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Uma uthinta kwi-dashboard uyezwa ukuthi kusetshenziswe kakhulu uplastiki ukuzama ukonga imali.
Ibhathini lokuvula izicabha uma zikhiyiwe ngilibheke ngaze ngakhathala ngaphambi kokubona ukuthi kumele ngisebenzise iqhuzwana elisesicabheni somshayeli kuphela.
Ngikuthandile futhi ukuthi kunezimbobo zokukhipha umoya we-aircon ngemuva kanjalo nezimbobo zokushaja ezinhlanu - okungeyodwa phambili, ezimbili phakathi nendawo kanjalo nezimbili ngemuva.
Ukube ngeyenye inkampani le moto ibingadayisa ubuthaphuthaphu.
Intengo:
C3 Aircross MAX 1.2T 6AT 7 seater - R354,900
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km.