AMADODA angaphila isikhathi eside uma engaqonda ukuthi ukuhlola izifo anazo kusemqoka futhi kuyawasiza. Kumele akufanise nalokho akwenza emotweni ukuze aqinisekise ukuthi ayinazo izinkinga.
Lokhu kushiwo ngungoti oweluleka ngokomqondo, uDkt Aaron Mkhondo, eluleka amadoda ngokuthi azijwayeze ukuzihlola. Wathi lenyanga ephezulu ngokwekhalenda lezempilo kuleli, ngeyokubhekelela ezempilo emadodeni, iMen's Health Month.
Ucwaningo olwenziwe kuleli luveza ukuthi mancane amathuba okuthi amadoda aye ezikhungweni zezempilo uma ezizwa sengathi kukhona angakuzwa kahle. Kuthiwa ayalinda aze agule kakhulu, ngaleso sikhathi izifo zisuke sezingene zagxila egazini.
UDkt Mkhondo, ubeke kanje: "Sidinga ukuthi amadoda siwafundise ukuthi ukuzihlola kubaluleke njengokushintsha amathayi ezimoto, ukuhambisa imoto kwi-service noma ukupenda ekhaya. Amadoda kufanele aqonde ukuthi angaya kudokotela noma yinini, ngenhloso yokuyozihlola ukuthi aphila kahle, ukuzihlolela izifo zengqondo noma ukuyoxoxa nodokotela ngakuzwayo okungaba yingcindezi.”
Uthe kumele kuqale ngokuthi abafana bazi ukuthi ayikho indaba yokuthi indoda ayikhali.
Inhlangano yamadoda iMedshield Movement, ithe iminyaka yokuphila yamadoda yehle kakhulu eminyakeni edlule uma iqhathaniswa nango-1920.
“Ngo-1920 iminyaka yokuphila yabesifazane nabesilisa beyehlukene ngonyaka owodwa, okusho ukuthi amadoda abengaphansi kwabesifazane ngonyaka owodwa. Ngo-2017 ucwaningo luveza ukuthi iminyaka yokuphila yamadoda ibisingaphansi kwephilwa ngabesifazane ngeminyaka emihlanu," kuchaza iMedshield Movement.
Ngokolwazi lwenhlangano olutholakala kwi-internet, izifo ezihamba phambili ezibulala abesilisa kubalwa isifo senhliziyo, esomdlavuza nesikashukela.
Siqhuba sithi amadoda kuyadingeka ukuthi abhekisise ukuthi adlani futhi azivocavovoce.
UMnuz Murray Hewllet we-Affinity Health, uthe okunye ukudla kubangela ukuthi amadoda abe sengcupheni yokuhlaselwa yiqoqo lezifo zenhliziyo ezaziwa nge-ischaemic heart disease, okuyizo ezihamba phambili ngokubulala amadoda emhlabeni.
"Amadoda kumele agweme ukudla inyama ebomvu, ukudla okugayiwe okwenziwe ngayo inyama ebomvu, ukudla okuthosiwe, ukudla okugayiwe okwenziwe ngommbila, ukudla okunosawoti omningi. Kumele adle ukudla okune-omega -3 eningi," kusho uHewlett.
Uthe imega -3 itholakala ngokudla inhlanzi okungaba yi-salmon, yi-mackerel, u-sardine noma yizitshalo ezinjengeFlaxseed, namakinati ama-walnut.
Uthe enye into ebalulekile ukuthi ugcine ukhalo lunempilo. Uma ukhalo lwakho lungaphezulu kuka-101.6, lukhombisa ukuthi unamafutha amaningi esiswini. Ngokwe-National Heart, Lung, and Blood Institute, uma unomkhaba kusho ukuthi usengozini yokungenwa yizifo yezihlobene nokukhuluphala njengesikashukela esidalwa yindlela ophila ngayo, u-type2, isifo senhliziyo, nesifo sohlangothi.
UHewlett uqhube wathi amadoda awakunaki ukuphuza amanzi enele. Uthe amanzi enele emzimbeni asiza ekutheni umzimba ukwazi ukumunca imisoco oyidingayo. Uthe okungenani umuntu kumele aphuze amalitha amathathu oketshezi ngosuku. Kubalwa itiye elenziwe ngamakhambi, amanzi nolunye uketshezi olungenalo utshwala noma i-caffeine.
Uthe ukudla ngokweqile emadodeni kungenye yezinto ezidala ukukhuluphala ngoba athanda ukudla ipuleti eliqongile.