IZIGULI ezingakudli ukudla okunempilo zijwayele ukuba nezifo eziyimixhantela ezidalwa imithi eziyisebenzisayo.
Lokhu kushiwo uDkt Siyathemba Nxele imenenja ye-Aids Healthcare Foundation (AFH, KwaZulu-Natal, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni ingadi yeziguli esemtholampilo eSiphingo okuzosizakala kuyo iziguli ezilanda imishanguzo yokulawula izifo zazo kulo mtholampilo.
UDkt Nxele uthe isivande sitshalwe kulo mtholampilo ngokubambisana kophiko lwale nhlangano olubhekele ukutshalwa kokudla i-AHF Food For Health noMasipala weTheku ukuze kuqinisekiswe ukuthi iziguli ezidla imishanguzo yokulawula izifo zithola imifino nezitshalo ezifanele ikakhulukazi iziguli ezineHIV.
Le ngadi itshalwa ngamalungu omphakathi ayiziguli zakuwo lo mtholampilo nangezona athanda ukutshala. Ingxenye yomkhiqizo okhiqiziwe uphiwa iziguli, enye ingxenye idayiswe.
“Lolu hlelo lokutshala olubizwa nge-vertical garden luyindlela esiza kakhulu ezindaweni ezisemadolobheni lapho indawo yokutshala incane. Ngokusebenzisa le ndlela okuhambisana nokusebenzisa izinto ebese zilahliwe senze ngazo umquba sishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa okungukubhekana nesimo sezulu esishintshashintshayo nokukhiqiza endaweni encane," kusho uNxele.
UNksz Pamella Ndlovu, ongomunye wabalima kule ngadi ohlala eSiphingo Hills, uthe ubekuthanda ukulima ingakho usukumele phezulu uma kuthiwa abasondele abafuna ukujoyina uhlelo lokutshala emtholampilo.
"Esikufundile lapha ngokutshala kuzosisiza impilo yethu yonke. Besikwazi ukutshala kodwa le ndlela esetshenziswa lapha besingayazi sesifunde okuningi njengoba siyingxenye yalolu hlelo. Njengamanje umnotho uphansi, wonke umuntu udinga ukuthi kube nokuthile akwenzayo ukuze engeze emalini ayitholayo, phezu kwalokho kwathina sithola ukudla okuphuma
emhlabathini okunomsoco," kuchaza uSr Ncamisile Mgobhozi oyimenenja yomtholampilo iSiphingo okutshalwe kuwo ingadi, uthe lo mtholampilo usetshenziswa ngabantu abaningi okusho ukuthi ubhekana neziguli ezinezifo eziningi ezikhathaza abantu kusukela esifweni senhliziyo, ukukhuluphala ngokweqile, iHIV nezinye.
" Ingadi iyasiza kakhulu uma unengcindezi nakithina bahlengikazi iyasiza uma ufika engadini uzwa sengathi uzalwe kabusha. Okunye okuhlukile kule ngadi ukuthi kutshalwe emapayipini, ezinye izitshalo azinamathele, emhlabathini konke lokhu uma ukubona uzizwa nawe sengathi usuzelwe kabusha kwehle ingcindezi," kusho uSr Mgobhozi.