ININGIZIMU Afrika isemazweni angu-30 ahamba phambili ngokuba nabantu abaningi abahaqwe isifo sofuba iTB yize lesi sifo selapheka.
Ziningi izinhlelo zokulwa nokusabalala kwalesi sifo esibulala abantu ababalelwa ku-54 000 kuleli ngonyaka ngokombiko okhishwe iGlobal TB report nyakenye, okukhathaza ongoti nezincithabuchopho ezisemkhakheni wezempilo.
Njalo ngonyaka labo ngoti, abezempilo izinhlangano ezisiza emikhankasweni yokulwa nalesi sifo nososayensi bakuleli baba nengqungquthela lapho bedingida khona ngalesi sifo.
Kudingidwa ngezindlela ezintsha zokwelapha lesi sifo ezihambisana nemigomo ebekwe inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), izinselelo eziholela ekutheni lesi sifo silokhu sisabalala nokunye.
Kulo nyaka le ngqungquthela yesishiyagalombili, i8th SA TB Conference, izoba seThekwini. Izoqala namhlanje iphele ngoLwesihlanu. Umongo walo nyaka uthi “sisheshisa inqubekela phambili yokuqeda i-TB phecelezi Accelerating progress to end TB" .
Usihlalo wengqungquthela uSolwazi Sizulu Moyo, uthe kule ngqungquthela bahlose ukuthi bakhombise ukuzinikela okuletha ithemba elisha ekuqedeni izifo ezifana neTB neHIV nezinye izifo ezingathathelani ezihambisana nalesi sifo.
" Le ngqungquthela yenzeka ngesikhathi esiyingqophamlando eNingizimu Afrika, njengoba u-2024 kuwunyaka lapho iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-30 yentando yabantu. Okuphawulekayo ukuthi ingqungquthela izokwenzeka ngesikhathi sokushintsha kwemithetho nemigomo elawula ezempilo kuleli njengoba iNingizimu Afrika isezinhlelweni zokuqala umshwalensi wezempilo obhekele bonke abantu, ukuze kuphuculwe indlela yokwelashwa kwabantu. Inhloso ukuthuthukisa ezempilo nokususa imigoqo ebikhona phambilini. Kithina kuvula ithuba elihle lokuthi sibhekane nalesi sifo ngokuthi sivule inkundla yokuthi sibonisane ngalesi sifo," kusho uSolwazi Moyo.