IMISHANGUZO yeHIV ewumjovo izosiza ekutheni iziguli zikwazi ukuzikhethela indlela ehambisana nazo yokwelapha noma yokuzivikela kuleli gciwane.
UDkt Siyabonga Nzimande wezinhlangano zomphakathi ezilwela ukuthi kutholakale amakhambi okwelapha lesi sifo eThekwini, iHIV Civil Society, usho kanje njengoba iViiV Healthcare okuyinkampani yase-UK, enelungelo lokukhiqiza imishanguzo yeHIV ewumjovo kulindeleke ukuthi iqale ukukhiqiza imishanguzo engabizi kakhulu, ama-generic abiza u-R540 kuya kuR570, umjovo ngamunye, ngosizo lwe-US President's Emergency Plan for AIDS Relief (PEPFAR) ekuqaleni konyaka ozayo.
ICAB-LA iwumjovo oyizinhlobo ezimbili wokuzivikela kwiHIV, osebenza njengamaphilisi i-Pre-Exposure Prophylaxis (PrEP) nothithibalisa leli gciwane osebenza njengama ARV aphuzwayo, yomibili ijovwa kanye emuva kwezinyanga ezimbili, okusho ukuthi isiguli sizojova kasithupha ngonyaka.
UNzimande uthe umjovo ungasiza ezinkingeni zokucwaswa okuholela ekutheni abantu abanaleli gciwane bagcine sebeyiyeka imishanguzo yabo, kodwa okwamanje basanxenxa uhulumeni ukuthi kube nguyena othenga le mishanguzo athengele iziguli njengoba kwenzeka ngamaphilisi akhona njengamanje.
" Ziningi izindlela ezintsha ezisithokozisayo ezisohlelweni okulindeleke ukuthi ziqale ukusebenza ngonyaka ozayo, njengendukwana eshuthekwa esikhumbeni bese ilokhu idedela umuthi, i-implant nepheshi elikwenza kokubili ukuvika ukukhulelwa kanye neHIV. Siyakholwa ukuthi lezi zinto ezintsha zizokwenza umehluko ekwelashweni kwaleli gciwane kuleli kakhulukazi kubantu abasha. Okunye esikwenzayo ukukhuluma nezinkampani ezikhiqiza la makhambi ukuthi ziwadayise ngemali engambi eqolo ukuze uhulumeni akwazi ukuwathenga," kusho yena.
IViiV Health iyona kuphela enelungelo lokukhiqiza le mishanguzo ewumjovo kuze kube u-2031.
UDkt Lauren Jankelwitz weSouth African Clinical Society, uthe abantu bakuleli bayawuthanda umuthi owumjovo.
“Uma ubheka indlela umjovo wokuhlela umndeni osetshenziswa ngayo ngabesifazane uma uqhathaniswa namaphilisi enza okufanayo, uyabona ukuthi abantu bakuleli bayakuthanda ukujova ngoba ujova kanye ngemuva kwesikhathi esithile awulokhu ukhathazeka ngokuthatha amaphilisi. Into okumele siyibheke ukuthi lowo mjovo usezingeni eliyilo yini,” kusho yena.
UDkt Yogan Pillay weHealth Acess Initiative SA, ucashunwe kweminye imithombo ethi, nakuba imijovo yeHIV kubukeka sengathi ingathandwa, inkinga ekhona ukuthi ibhajethi yoMnyango wezeMpilo yehlisiwe, okusho ukuthi umnyango ungakwazi ukuyithenga uma ithengwa ngemali efana nokuthengwa ngayo amaphilisi.
“ Uma kungenjalo kusho ukuthi kuzomele kuthathwe isinqumo sokuthi kunezinto ezizomiswa ngesikhathi kuthengwa le mijovo,” kusho uPillay.