IMOTO: HYUNDAI CRETA MATTE EDITION
ANGISAKHUMBULI ukuthi bengikhuluma nobani ezinsukwini ngesikhathi ngithi ayikho imboni edlondlobala njengeyokushuna izimoto eNingizimu Afrika.
Mihla namalanga ubona imoto eshunwe ngendlela ehlukile. Ezinsukwini kwiTikTok bengibuka enye eshintshwe amalambu angemuva ungathi anento ecwayizayo phakathi.
Kunokuthi izinkampani ziyekelele eziseceleni noma abantu abazimele ukuthi bashunele amakhasimende azo, ezinye ziyazenzela ukuze imali ziyibambe ngayo yonke indlela.
Bheka ngoba kwaHyundai bakwenzile kwiCreta abayithuthukise ekupheleni konyaka odlule baletha neMatte Edition.
ICreta yiSUV esembangweni noKia Seltos, Haval Jolion nezinye.
Uma ungeyena umuntu onakayo ngeke uwubone umehluko owenziwe kule Creta ethuthukisiwe ngoba awutheni.
Bathe ukuyithintathinta nje ngaphambili kwi-grille kanjalo nangemuva.
Okuyiwona mehluko ogqamayo yiwo umbala o-matte abawufakile kuyo. Uwuthola kwiPremium ne-Executive, okuyiyona esihamba ngayo.
Ngiyakuthanda ukuthi bayakutshela ukuthi kumele uyiwashe kanjani uma uvula okokusitha ilanga phezulu.
Umbala lona wenza ibukeke kahle futhi yehluke. Umesha kahle namarimu angu-17 inch abawenze aba mnyama.
ICreta iyi-SUV evuleke kahle ngaphakathi kwazise ubude bayo bungu-4 315mm kuthi i-wheelbase ibe ngu-2 610mm. Kwenza abagibeli bahlale kahle ezihlalweni ezizishaya sasikhumba. Ngiyakuthanda ukuthi ngemuva kunembobo yokushaja nge-USB. Nebhuthi izimumatha kahle izimpahla kwazise ingu-416 litres.
Ngaphakathi ayinalo uxhaxha lwamabhathini akhona asobala ahleli kahle futhi enza kusheshe uma kukhona ofuna ukukwenza. Phela ezimotwen zakamuva sebefuna ngisho uma uhlela amazinga okushisa uthinte kwi-touchscreen ye-infotainment kodwa lapha asekhona nokuyinto emnandi. Kukhona nelokwehlisa noma ukunyusa umsindo.
I-screen singu-8 inch futhi kuvela khona iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay, udlala umsakazo uphinde ubone nengemuva uma uhlehla.
Injini iyafana neyakudala ingu-1.5 litre kaphethroli eno-gearbox oyi-6 speed ozitshintshayo
Inamandla angu-84kW ne-torque engu-144Nm.
Emgwaqweni ihamba kahle amandla ayayenela futhi engikuthanda kakhulu wukuthi ayibhubhudli kuphethroli. Ngihambe 555.8km ngaphambi kokuthi uphele. Ngaleso sikhathi ibidla amalitha angu-6.6 ngo-100km nokuyinto eseduze kakhulu kuno-6.3l/100km oshiwo kubo kwayo.
Okumnandi ngayo wukuthi inezinto eziningi zezokuphepha njengeBlind Spot Collision Avoidance Assist, a Lane Departure Warning System, Lane Follow Assist, iyasho uma umshayeli esekhathele, iyasiza ukugwema ingozi ngaphambili, inama-airbag nokunye.
Izimoto zaseChina zifikile kodwa iCreta inakho konke okuzoyenza ikwazi ukubhekana nempi
Intengo:
Creta 1.5 Executive IVT (Matte Edition) - R524 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.