Iziguli ezinesifo sikashukela nesokwehla nokwenyuka komfutho wegazi zinamathuba amaningi okuthi zihlaselwe isifo esithinta ukungasebenzi ngendlela kwezinso.
Lokhu kushiwo isikhulu esiphezulu esikhungweni esibhekele izifo ezithinta izinso, iNational Renal Care(NRC), uDkt Chevon Clark edlulisa umyalezo ohambisana nokuthi leli sonto ngokwekhalenda lezempilo elokuqwashisa ngezifo zezinso.
Uthe ulwazi olugcinwe esikhungweni iNational Kidney Foundation of South Africa (NKFSA), lukhombisa ukuthi u-60 kuya ku-65% weziguli ezinesifo sokwehla nokwenyuka komfutho wegazi zinenkinga yezinso ezingasebenzi kahle, kanti 25% weziguli ezinesifo sikashukela esidalwa indlela umuntu aphila ngayo, utype 2 zinenkinga yezinso ezingasebenzi kahle.
“Ukhiye wokulawuleka kwalesi sifo ukuthi sisheshe sitholakale ngoba aselapheki kodwa abezempilo bayakwazi ukwenza uhlelo lokusilawula olukahle uma sisheshe satholakala. Iziguli ezinesifo sikashukela nezinesifo sokwehla nokwenyuka komfutho wegazi zinamathuba engeziwe okuthi zihlaselwe ilesi sifo, ngakho kubalulekile ukuthi zihlale zihlola ukuthi izinso zazo zisasebenza kahle yini. Into ebaluleke kakhulu ukuthi kwandiswe imikhankaso yokuqwashisa ngalesi sifo, ngoba usuku oludlulayo onesifo sezinso engaluqalile uhlelo lokwelashwa, isifo siyaqhubeka egazini okwenza ukuthi kube nzima ukuthi silawulwe agcine esethembele ekuhlanzweni izinso ngomshini okusuke sekuyisigaba esibucayi,” kusho yena.
Uqhube wathi umsebenzi wezinso ukusefa uketshezi olusuke lungasadingwa umzimba nalolo olunobuthi zilukhiphe emzimbeni, ngomchamo. Uma lokhu kungenzekanga umzimba uhlala nokungcola okumele ngabe sekuphumile kuwo okudala ezinye izinkinga zempilo.
Uthe ukulawulwa ngendlela kwesifo sokwehla nokwenyuka komfutho wegazi nesikashukela kwehlisa amathuba okuhlaselwa isifo senhliziyo nesezinso ngo-70 kuya ku-80%.
Uthe enye into esizayo ukuthi uma isiguli sesitsheliwe ukuthi izinso zaso zithwele kanzima, sishintshe indlela esiphila ngayo. Sizivocavoce, siphuze kakhulu amanzi ukuze umzimba ungaphelelwa ngamanzi, sizame ukusebenzisa izinto ezizohlanza uketshezi olungubuthi olusemzimbeni, sinciphise ekuphuzeni utshwala nokubhema. Sidle ukudla okunempilo okuyimifino nezithelo.