INTOKAZI yaseMargate, elingisa indawo kaGabisile emdlalweni Umkhokha, u-Alizwa Sikhafungana ithi yize kungabanga nzima ukuthola indawo ezoyilingisa kulo mdlalo kodwa ukufica abalingisi abanamava yikhona okube yinselelo.
U-Alizwa uthe uyaqala ukuthole indawo azoyilingisa emdlalweni omkhulu kuleli, ngakho lokhu ukuthatha njengesibusiso.
Uveze ukuthi ukhethe ukumisa iziqu zepolitiki akade ezenza eNyuvesi yaseRhodes, ngemuva kokuthola le ndawo.
“Bese ngiqedile ukwenza iziqu zami emkhakheni wokulingisa. Ngithe uma ngibona ukuthi isikhathi nginaso ngaqhubeka nemfundo kodwa-ke ngase ngithintwa yimenenja yami yangitshela ukuthi sengithole indawo emdlalweni Umkhokha.
“Kwaba yinjabulo kimi yize lo mdlalo ngangingawazi ngenxa yokuthi angiyibukanga isizini yokuqala. Ngathi uma sengiyitholile indawo ngakhetha ukubheka ukuthi ukhuluma ngani nokuyilapho ngabona ukuthi indawo yami izongena kanjani futhi yimuphi umlingisi engisondelene naye okuwuMaMzobe (Deli Malinga),” Uthe indawo kaGabisile, oyintombazane esafunda isikole, esondelene kakhulu nonina uMaMzobe, iyinselelo ngoba yenza izinto ezingalungile ithunywa wunina.
Yize yena nabanye odadewabo bekhula ngaphansi kophahla olulodwa kodwa kuningi ukukhohlakala akwenza nonina odadewabo noyise abangakwazi.
Uthe uDeli umthathe njengendodakazi yakhe njengoba emenze wakhululeka futhi kwaba lula ukuthi uma belingisa kufane sengathi bawumndeni wangempela. Uthe kuningi akufundile ngosusebenza eduzane nomlingisi onamava njengoDeli nabanye.
“Kube lula kakhulu ukuthi indawo yami nekamama uDeli kube sengathi le nto esiyilingisayo ingeyangempela. Sisaqala wangibiza wangihlalisa phansi wangitshela ukuthi sisebenze kanjani futhi ngaba nokukhululeka kakhulu yingakho kunjena manje,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi indawo kaGabisile ababukeli balo mdlalo basazoyithakasela kakhulu njengoba isazomenza axabane noMaMzobe baphinde bathandane futhi.
Uthe ababukeli okumele bakubeke emqondweni ukuya phambili ngendaba kaGabisile wukuthi uyingane futhi uyawenza amaphutha.
“UKatlego Danke udlale enkulu indima kumina ngisakhula ngibuka ithelevishini. Ngiyafisa ukuzibona nakweminye imidlalo emikhulu kuleli. “Indawo kaGabisile isazoqhubeka kodwa engikufunayo wukuthi ngibonakale nakweminye imidlalo, abantu bangangazi nje ngale ndawo kuphela,” kuchaza yena.