NQOBILE MASIMULA
UNYELWE yinyoni esandleni umculi wakuleli ngokumenyelwa ukuba yingxenye yohlelo lwaseMelika, iLove & Hip Hop: Lineage to Legacy.
UBusiswa Gqulu, uzobonokala kulolu hlelo oluneziqephu ezimbili eMelika. Lo mculi wodumo lwengoma iSBWL uzohlanganiswa nabeLove & Hip Hop nabeBlack Ink Crew, kulolu hlelo oluzobe ludingida ngemvelaphi yabo.
Echaza ngohlelo uBusiswa, uthi kuyintokozo ukumenyelwa into enjengale ikakhulu ngoba izobe idingida into esondelene kakhulu naye.
“Ngijabule kakhulu ngoba wonke umuntu uyazi ukuthi ngiziqhenya kangakanani ngokuba yintokazi yase-Afrika, ekwazi ukuhambela amazwe omhlaba njengoba sengize ngahlangana nengqayizivele yethuba lokuba yingxenye yohlelo olukhulu kangaka,” kusho uBusiswa.
Enaba ngokuhlabana kwakhe, uthe ngonyaka odlule uhambele e-USA, eyonandisa emicimbini eyisishagalombili okubalwa kuyona i- Afro Carnival, One World Global Music Festival nomunye abhulela kuwona amazolo uWizkid.
“Ngabizelwa eceleni ngumdidiyeli wohlelo, uMona Scott-Young, wangibuza ukuthi angithandi yini ukuba yingxenye yohlelo,” kuchaza uBusiswa.
Kulolu hlelo kuzobonakala izihlabani ezinjengoRemy Ma, Papoose, Yandy Smith-Harris, Rich Dollaz, Tokyo Vanity, Paris Phillips, Karlie Redd noMomma Dee.
UBusiswa uzophinde abonakale emcimbini omkhulukazi i-AfroNation Peurto Rico, lapho ezonandisa nabaculi abanjengoMeg Thee Stallion, Wizkid nabanye base-Afrika. NgoJuni uzolibangisa ePortugal eyonandisa kwiTrace Made in Africa Festival.