UMUSA Mseleku wodumo lohlelo lwethelevishini Uthando Nesithembu, ugxeka abantu abehlulela indodakazi yakhe.
Uzwakalise ukukhathazeka kwiTikTok ngabantu abeyenze inhlekisa ngokukhulelwa kwayo nokondliwa nguye.
Kuzokhumbuleka ukuthi kube nesiqephu sohlelo lomndeni wakwaMseleku lapho kuvele ukuthi uSne ukhulelwe ingane yesithathu. Kunevidiyo lapho indodakazi kaMseleku, ibonakala idinwe igane unwabu, ithi kayiqondi ukuthi kungani abantu begxeka amavidiyo nezithombe ezinameka kwiTikTok.
USne uveze ukuthi akaqondi ukuthi kungani egxekwa ngoba akondliwa yindoda kodwa wondliwa nguyise nezingane zakhe. Uzwakalise ukunengwa yizinkulumo zabesifazane, wathi bafafaza amanga uma bethi waxoshwa kubo ekubeni yena usahlala noyise.
UMseleku ngesikhathi ekhuluma nephephandaba, uveze ukuthi yize engakaze ayibone ividiyo kodwa wazisiwe ngayo nguSne.
"Mina njengoyise angifisi azikhathaze (uSne) noma akunake okushiwo ngabantu ngoba thina njengomndeni siyameseka kulokhu abhekene nakho. Abantu abakhuluma kabi ngoSne benza iphutha ngoba uyingane futhi wanukubezwa ngumuntu okwakungafanele amnukubeze. Indaba yakhe ijulile. Okumele sikufunde esimweni sakhe ukuthi umuzi, nomuzi unawo uSne wakhona. Okubalulekile ukuthi simsingathe," kuchaza uMseleku.
Eqhuba, uthe uyamondla uSne njengengane yakhe kodwa akanalo ulwazi lokuthi uyenzani imali yakhe.
"Ngithe kuSne uma enento engamphathi kahle akayikhulume nathi," kusho usomabhizinisi.