UMAKADEBONA kwezomculo weqembu le-afro pop iMafikizolo, uNhlanhla Mafu, ubashayela ihlombe abaculi bomculo wesintu umaskandi nabalandeli bomculo. Utusa wonke umsebenzi omuhle abawenze kulo nyaka, awuchaze ngokuthi ube muhle futhi wedlula yonke eminye imikhakha yomculo ezweni.
Usho kanjalo exoxa nephephandaba lapho abuyekeze khona lo nyaka kwezomculo. Wathi abaculi abaningi sebekhiphile umculo wabo, okungenza umlandeli womculo acabange ukuthi umculi ongakakhiphi manje, kushukuthi usehlelela unyaka ozayo.
“Nakuba emaningi amaciko enze kahle kulo nyaka, ngibala nalawo awole izindondo ezahlukene phesheya kwezilwandle kodwa ngicabanga ukuthi umaskandi yiwona mculo owenze kahle ukwedlula yonke eminye imikhakha yomculo ezweni.
“Ukungenisa nokuvelela kukamaskandi bekungazibeki yonke indawo, ngisho ezinkundleni zokuxhumana kuhlale kukhulunywa ngawo, ngisho nendlela abagqoka ngayo isingene yagxila kubantu, kangangokuthi amaciko eminye imikhakha yomculo aseze asika iphethini kulokho,” kusho uNhlanhla.
Eqhuba, uthe yize naye engabonanga nkinga engako emculweni wakhe nonyaka kodwa kusamkhathaza mbijana ukuthi abantu abakakwazi ukumamukela ngendlela afisa ngayo, kusukela eshintsha isibongo emva kokwehlukanisa nowayewumyeni wakhe weminyaka, uThembinkosi Nciza, ngo-2019.
Uthe: “Ngibona usemkhulu umsebenzi ongihlalele emculweni ngoba ngiyabona ukuthi ayikangeni kubantu abaningi lena yegama nesibongo sami okusha, abaningi basabambeleke kokudala, okwenza umculo engiwukhiphayo ungachumi kalula.”
Udalule nokuthi ngenxa yokuthi kwiMafikizolo abakhiphi njalo, njengoba begcine nge-albhamu ethi Idwala ngo-2022, yena uzoqhubeka nomculo wakhe omusha eceleni ngonyaka ozayo.
“Ngonyaka ozayo ngithemba ukuthi yilapho abantu abaningi bezobhema bakholwe khona njengoba ngihlela ukukhipha i-albhamu yami yesithathu, bese ngiqhubeka nokuthuthukisa ibhizinisi lami lezemfashini i-NN Vintage,” kusho uNhlanhla.