IZINGWAZI zomculo kuleli zithembisa lukhulu kwiKwasuka Sukela Building Bridges 2024, eShuku’s Greenleaf Eastate, eMgungundlovu ngeSonto kusukela ngo-10 ekuseni.
Kulo nyaka kuboshelwe abaxoxi bezinganekwane bodumo uDkt Gcina Mhlophe noMzwandile Ntombela, abadlali bezigingci abahlonishwayo kuleli nasemazweni angaphandle uDkt Madala Kunene, uThemba Mokoena, uMthobisi Mthalane kanye noKhethi Ntshangase (Reunion Island), Pretty & The Music, Undivided Roots, Zolani G and Tribe of Afro ne-Essentials.
UKunene unxuse abantu ukuba bafike ngobuningi babo ukuzothamela lendumezulu yomcimbi. Uthe uzobe ezokhombisa abantu baseMgungundlovu ukuthi isigingci sincinzwa kanjani. “Ngiyethemba njengoba kukhona nengqungqulu umfoka Mokoena, kusho ukuthi ikhona into esizoyihlanganisa nomtakababa ngoba phela vele sinecwecwe sobabili. Ngakho-ke, wozani bakwethu ngobuningi benu," kubeka uKunene. UMthalane uthe uzibona enenhlanhla eyingqayizivele ukuzonandisa kulo mcimbi ngoba uMgungundlovu yindawo akhulela kuyo. "Ngiyabathembisa abalandeli nabazofika kulo mcimbi bazobhema bakholwe ngengiza nakho ngiwuMthalane kanye nezingqalabutho esezimkantshubomvu kwezomculo," kusho uMthalane.
Nabazifela ngezinkondlo bazobhema bakholwe njengoba kuboshelwe uSthembile Thingo Gwala noNkululeko Mdladla. Abazobe bephethe uhlelo ngo-Ayanda Seoka noNdu Zondi. Kulo mcimbi kuzobuye kube nombukiso wezobuciko ohlelwe wuDawn Melanie futhi obophele imisebenzi yamaciko anjengo Lelo Mncwango, John Rogers, Meleney noBrian Zondi weDa Brian Photography, ongumqondisi wezobuciko kulo mkhosi. Nabathanda ukujuxuza bazodansa baze bakhase phansi njengoba kuzobe kunoDJ, okubalwa kubo uKBZL, Ladee M no-Usduhmore.
Umgqugquzeli walo mcimbi uPretty Oliphant weHot Toffee Marketing uthe kule festiveli kuzobe kukhangiswa ngezobuciko, amasiko, imfashini nokudla okwehla esiphundu Uthe abanezingane bengafika azo ngob izobe ikhona indawo ezihlelelwe zona lapho nazo zizobe zizithokozisa khona, okubalwa i-jumping castle, umtapowolwazi ongumahambanendlwane ne-jungle gym.
Uthe ngalo mcimbi bahlose ukubungaza amaciko adabuka kuleli dolobha ngenhloso yokunqanda ukufudukela kwawo kwamanye amadolobha amakhulu. Amathikithi asatholakala eWebtickets nasePick n Pay noma esangweni ngoR50 nangoR450.