UVEZE ukuthi akukho ukungezwani phakathi kwakhe noMenzi umculi waseNkandla, KwaNxamalala, uLimit Nala ngoMgqibelo okhale wamuka neQuantum, emcimbini iMother of All Maskandi Festival.
Umcimbi obekungowesibili nonyaka ubusePeople’s Park, eThekwini.
Ngonyaka odlule uGatsheni waphuma phambili ngenxa yokuvotelwa kakhulu.
Kulo nyaka uLimit uhambe phambili walandelwa umculi waseMnabhithi uMenzi Mabizela.
Izingoma ezikhishwa yila maciko izona ezenza abe nogazi kubalandeli bakamaskandi, nokuyizona ezishisa izikhotha kulezi zinsuku.
Kulo mcimbi abaculi bebemenyezelwa ngokuthi bavotelwe kanjani kusuka kunombolo 30 kuze kufike kowinile.
Ekhuluma ngokuwina kwakhe uLimit obephelezelwa amagidangoma akhe nabazali bakhe uveze ukuthi uyabonga kuwona wonke umuntu omesekile nomvotelile.
“Ngiyabonga ngalo lonke uxhaso eninginika lona. Kodwa engithanda ukukuveza ukuthi akukho ukungazwani okukhona phakathi kwami, uMenzi noGatsheni. Engingakugcizelela nje ukuthi ngeke ngimdlele uMenzi umona kade nginaye lapha ngaphandle sihleka kukuhle. Benginaye komunye umcimbi washo wathi wangihlula ngonyaka odlule wawuthatha uR50 000, engingakusho nje ukuthi uMenzi ube ne-albhamu emnandi ngonyaka odlule, lokhu okungasho ukuthi mina naye asisezwani,” kuchaza uLimit.
Uthe eqeda ukubonga uGatsheni emnika isicoco salo nyaka wase ecula ingoma yakhe ethi uYimi Umalume.
Ube eseshaya into ecokeme esiteji eculela abebekhona izingoma zakhe ezimakhele ugazi muva nje okukhona kuzo ethi kuLate, Awuhlabe Kabili, Uvume Kanjani nezinye.
UMenzi kulo mcimbi ngokuphuma isibili uthole isheke lika-R70 000.
UZimiphi "Zimdollar" Biyela ohlela umcimbi uthe ngawo bazoshintsha impilo yabaculi bakamaskandi abazoqala amabhizinisi okuba osomatekisi.
Naye uphinde wabonga wonke umuntu ngokuxhasa umcimbi ngamavoti.
Okunye okuphinde kwagqama kulo mcimbi imfashini kubaculi bakamaskandi.
UMayoghurt ungene edle isudi, kwachwaza inkundla.
Abanye abafana noFalabo, Sminofu, Thokozani Langa nabanye bebedle imfashini yamagama aphezulu nebizayo.
UKhuzani uqhubekile naye nokwenza okungajwayelekile njengoba eqhamuke efake ibhotsotso eyayigqokwa abaculi besilisa emaqenjini afana ne-Abba nomculi uJames Brown.
Imfezemnyama iqhamuke ifake isudi eyayisetshenziswa abamhlophe kudala negqokwa emazweni okukhona kuwo i-England.