EMUVA kwesikhathi esingangonyaka intandokazi yomlingisi ingene emdlalweni omkhulu wethelevishini yaphenduka isilomo kwabaningi, kodwa leli phephandaba selithole ukuthi kuyaphela ngendawo yayo.
UNtando Duma olingisa indawo KaMpho kwiThe Queen ziya zivuleka izinto njengoba amathupha elokhu eqhamuke njalo. Umthombo othembekile utshele leli phephandaba ukuthi uNtando uzogcina ukubonakala ekupheleni kukaJuni noma ekuqaleni kukaJulayi uma kuphela iziqhephu aseziqophile.
Uthathe lesi sinqumo sokushiya kulo mdlalo ngoba kunano mdlalo omkhulu weNetflix okumele azilungiselele wona maduze. Ngaphandle kwo mdlalo kuthiwa ziningi nezinye izinhlelo ezimfunayo nokwenza angazibambezeli ngomdlalo owodwa isikhathi eside. UNtando kuthiwa uselinde incwadi ephuma kubaphathi ezoqinisekisa usuku oluqondile azogcina ngalo ukubonakala kulo mdlalo. Ethintwa uNtando uthe akukho okuthinta umdlalo angakuphawula noma akuqinisekise. "Anginazo izindaba bakithi sengimdala, angazi lutho. Ngiyaxolisa bandla akukho engingakuphendula ngeThe Queen. Engingakusho ukuthi abantu abaqhubeke nokubukela lo mdlalo,"kusho uNtando.
Leli phephandaba liphinde lathola nokuthi kukhona nezinkampani zaphesheya kwezilwandle ezifuna ukusebenzisana naye nokwenza abematasa kakhulu kulo nyaka. Ngo-Okthoba uNtando uzolibangisa eMexico lapho ezofika abeyingxenye yendumezulu womcimbi wakhona waminyaka yonke i-AFROBEATS IN CANCUN ezobanjwa ngo-Okthoba 7 kuya kumhlaka 12. ’’Kuqondene nami impela lokho, ngizoya eMexico ziningi izinhlelo engizoba yingxenye yazo nabanye osaziwayo. Ngizobuye ngiphathe nezinhlelo ezingaphansi kwalo mcimbi. Kuningi engizokwenza khona ngoba nginohlu lwezinhlelo abazihlelile,"kusho uNtando.
Ephetha uNtando uthe ungowesifazane osemncane nokholelwa kakhulu ekuzithuthukiseni nokwenza amukele wonke amathuba avelayo empilweni. Ukuba umama nakho yinto azimisele ngokuyenza kangcono ukuqinisekisa ukuthi indodakazi yakhe uSbahle nayo esizakhele igama ezinkundleni zokuxhumana ngobuhlakani iyanakekeleka ngendlela.