ABACULI bakamaskandi abasanda kuqopha umlando kulo nyaka, uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini noMphile "Sminofu" Gumede, bagqemeke udume lwengozi kubulawa obambe elikhulu iqhaza emculweni wabo, uSimphiwe Celumuzi Majozi.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo, uthe ozakwabo babizwa ngezintathakusa zangoMgqibelo emijondolo yaseDenver. “Nebala anikela khona afica kunowesilisa owayelele phansi enamanxeba amaningi okudutshulwa.”
UMasondo uthe uphenyo lwamaphoyisa lwathola ukuthi umufi wayenomngani wakhe emotweni ngesikhathi behlaselwa ngabalisa ababili abangaziwa, ababehlome beyizingovolo ngezibhamu maqede babayalela ukuthi baphume emotweni.
“Umngani wakwazi ukubaleka engenamyocu ekubeni umshayeli yena wadutshulwa. Abasolwa bakhala bemuka nemoto kamufi ebuye yatholakala eVosloorus."
Esephetha uMasondo, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuduna imoto futhi abasolwa basagcwele amathafa.
UScebi uthe usele dengwane njengoba uSimphiwe (34) ubefana nensika nomgogodla wakhe kangangoba yonke into ayizuzile bekuwukusebenza ngokuzikhandla kukamufi.
Uthe kusukela ekunqobeni izindondo, ukuhlela umcimbi nokuqashwa emicimbini bekwenziwa nguSimphiwe.
Uthe njengamanje kuduma ikhanda ngoba akazi uzothathani ahlanganise nani ngoba uSimphiwe ubeyikho konke empumelelweni yakhe.
UScebi ugcine ukusebenza noSimphiwe ngesikhathi eqopha umlando ngesonto eledlule ePlayhouse Opera Theatre ngokuba wumculi wokuqala kamaskandi ukugcwalisa phama le ndawo. Kuwo lo mcimbi uScebi ubuye wethula i-albhamu entsha, iSilent Treatment, namaGold Disc e-albhamu eyedlule.
UScebi uthe umufi uzofihlwa emathuneni asekhaya endaweni yakwaMajozi, eMsinga, esigodini saseBuyafuthi ngeSonto emuva kwenkonzo ezokuba ngo-9 ekuseni.
USimphiwe ushiye emhlabeni umkakhe, uNompumelelo, indodana uPhakama nendodakazi uNkanyezi.
*Khonamanjalo Isolezwe lihabule ngemithombo yalo ukuthi kunabanye abantu abayisithupha baseMsinga ababulewe ehostela laseDenver ngalolu suku. Kwenzeka lokhu nje impi yezinsizwa zaseMsinga nezaseNquthu ike yadlula nemiphefumulo eminingi muva nje okuze kwaphoqa ubuholi baseZululand ukuba buyokhuza.