AZIVUSELELWANGA izinkontileka kubalingisi okumanje uthando lwabo luvutha amalangabi emdlalweni Uzalo, uNompilo Maphumulo(Nosipho) noPastor Gwala (Menzi Biyela).
Kulo mdlalo ophrojusa bamatasa baxoxa ngezinkontileka ezintsha nabalingisi balo mdlalo njengoba kulindeleke ukuthi baqale ukushutha maduzane.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi kuphelile ngoNompilo noMenzi kulo mdlalo.
Kusenjalo, u-Omuhle Gela obelingisa indawo kaNomaswazi washiya isigubhukane ecikwa ukuguqulwa kwesivumelwano ayesisayinile ngaphambi kokufudukela KwaZulu-Natal.
“UNosipho noPoster Gwala izinkontileka zabo azivuselelwanga nokusho ukuthi kuphelile ngezindawo akade bezilingisa kulo mdlalo. U-Omuhle yena ke ushiye phansi manje akalindanga nokuthi kuphele ukuqoshwa kwesizini njengoba ekhala ngokushintshwa kwendawo yakhe okuzokwenzeka uma sekuqala isizini entsha, uvele wacikeka wangafuna ukuqhubeka nokuqopha,” kusho umthombo.
Umthombo uveze ukuthi ophrojusa kumanje bashayana ngamakhanda njengoba bengazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ukuvala indawo ka-Omuhle.
“Kumile ukuqopha kubalingisi obekumele basebenze no-Omuhle, njengoba engekho emsebenzini. Kumcasulile ukuguqulwa kwenkontileka yakhe ekhala ngokuthi washiya konke eGoli, ngesikhathi ehla eza KwaZulu-Natal ezoqala kulo mdlalo ngenxa yokuthanda inkontileka ayeyinikiwe,” kuchaza umthombo.
UNompilo akaqali ukuchithwa kulo mdlalo ngoba kwakhe kwavela ukuthi inkontileka yakhe yake yaqedwa kodwa wazikhalela kubabhali bomdlalo, bamzwela bamgcina.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela iSABC neStained Glass eqopha lo mdlalo bengakaphawuli ngokushiya kukaNompilo noMenzi.
Sicele lokhu kuphawula kwiStained Glass isivele iyiphendulile intatheli ngokushiya isigubhukane kuka-Omuhle.
Iveze ukuthi iyabonga ku-Omuhle ngokuba yingxenye yomndeni wayo futhi imfisela impumelelo emizameni yakhe ngekusasa.