Baduduzwe ngomculo ngempelasonto abantu kwaKwaNgcolosi, eHillcrest, abakhahlamezeka ngemuva kwezikhukhula zangonyaka odlule.
Abantu bendawo bebehlelelwe ikhonsathi iHalleluya Gospel Concert endaweni yemicimbi esanda kuvulwa iGalaji Concenrt Venue ngoMgqibelo.
Umhleli womcimbi uSlindile Ngcobo uthe uthole ukuthi le indawo ingenye yezindawo ezashayeka kakhulu ngemvula yango-Ephreli nyakenye.
“Besifuna ukuhlanganyela siduduze siphinde sibuyise ithembe emphakathini futhi uwujabulele kakhulu umcimbi,” kusho yena.
Abaculi abebeshiyelana inkundla kubalwa kubo uBabo Ngcobo. Ushaye nezingoma ezintsha waze wamema esiteji uNjabulo Ntaka abenza naye ingoma ethi Izinga no-Andile Mbili odume eqenjini Abanqobi.
Izihambeli ziphinde zajabuliswa ngomculo wuSiphumelele Mbambo odabuka endaweni.
Abanye ngoJumbo, Dumi Mkokstad noThobekile.
Kuvele ukuthi kusazohlelwa eminye imicimbi eGalaji okubalwa kuyo ikhonsathi ye-jazz neyezinye izinhlobo zomculo.