USOMAHLAYA waKwaZulu-Natal, uPhilani Mandlenkosi Mabanga kodwa obedume ngelikaMfundisi uNtshebe, uhambe emhlabeni esedla imbuya ngothi njengoba sekudingeka iminikelo ukuze afihlwe ngesizotha.
UMfundisi uNtshebe (54), owazakhela udumo kakhulu emkhakheni wamahlaya ngama-albhamu ayebizwa ngeNkonzo KaNtshebe, ushonele emzini wakhe eKatlehong, Ekurhuleni ngoLwesihlanu emuva kokukhala ngekhanda.
Izindaba zosizi lomndeni kaMfundisi uNtshebe zidalulwe u-BI Phakathi owaziwa kakhulu ngokuxhasa abantu abantulayo nabazamayo emigwaqweni.
Ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umndeni kaMfundisi uNtshebe ubhekene nengwadla yokuthi awazi uzothathani uhlanganise nani ukuze kufihlwe umufi.
"I-akhawunti ithi umndeni kamufi ucela usizo ukuze ubhekane nezindleko zomngcwabo. I-akhawunti yomndeni eyeCapitec, ekaBongani Mabanga ethi-163 269 3796. Uxhaso lwenu luyosho lukhulu,” kubhala u-BI Phakathi, obuye wazisa noNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Gayton McKenzie.
“Sawubona Ngqongqoshe. Indaba ikanje lapha. UPhilani Mabanga obaziwa ngelikaNtshebe, engusomalaya nomculi ongumakadebona, ubehlala nengane eneminyaka eyisishiyagalolunye. Ayikho imali yokumngcwaba. Siyacela ungenelele ukweseka umndeni ngezindleko zomngcwabo,” kuloba u-BI Phakathi.
UMfundisi uNtshebe, odabuka eNquthu, yiciko elaqala emculweni weR&B linguKalashnikov nakowe-hip hop engu-2 Black 2Strong.
EsenguMfundisi uNtshebe wodumo lweHoly Gun, ubuye wasebenza noBhekumuzi Luthuli engomeni ethi Akuvumi Ngithule Remix neMithente engomeni kwethi Lemini Iyeza. Ingoma eyamdumisa kakhulu ngethi Ubumnandi.
Yize kunjalo kodwa uhambe emhlabeni ebalisa ngokudliwa ebhekile njengofishi.
Ekhuluma kwiTikTok, uMfundisi uNtshebe uthe nguye owabhala ibika lesibili lomdlalo wamahlaya owawusakazwa kwiSABC 1, Umuzi Wezinsizwa kodwa kwagcina sekudla omunye umuntu.
“La ngaphandle kuningi ukudliwa kwamagazi abantu. Amagama ebika laseMzini Wezinsizwa, ayebhalwe yimi. Lokho kuyiqiniso, engikusolayo ubutsotsi obenziwa ngoba eziqeshini zokuqala la ngicula khona ngayibhalisa kwaSamro ngakhokhelwa cishe iziqephu ezingu-25 kuphela. Emuva kwalokho, angiphindange ngakhokhelwa. Ngathi sengiyabheka kwavela igama likaDavid Simelane owayengekho. NakwaSamro yimi umbhali nomculi wayo. Lokho kusho ukuthi kumele nginxeshezelwe.”
UMfundisi uNtshebe uthe umbhali wokuqala waleli bika kwaba wuBafana Mlangeni owayenguSibeko kuMuzi Wezinsizwa kodwa elesibili kwasekungelakhe futhi la mabika ayehluke kakhulu. Kulindeleke ukuba inkonzo yesikhumbuzo sikamufi ibanjelwe eKatlehong, ngoLwesine, bese efihlwa ngoMgqibelo.
Khonamanjalo: Isikhumbuzo sikaDarlington “Papa G” Michaels wodumo kwiSidingo, izobanjelwa eSoweto Theatre ngoLwesine ntambama, bese efihlwa emathuneni aseWest Park Cemetery, eGoli, emuva kwenkonzo ezokuba se-Uncle’s Tom Commuity Hall, e-Orlando West eSoweto ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni.