NJENGOBA umdlalo owuchungechunge kuMzansi Magic, uMkhokha: The Curse, sewuya emaphethelweni, amehlo ababukeli abaningi asethe njo kuMaMzobe nendodakazi yakhe uGabsile.
Bafuna ukwazi ukuthi kuzoba yini isiphetho salezi zintokazi ebezinonya olwesabekayo kulo mdlalo. Yize laba balingiswa bezakhele esikhulu isigcwagcwa kubabukeli balo mdlalo osakazwa phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku, kodwa abalingisa lezi zindawo abasaconsi phansi.
Ubufakazi balokho ukuqokwa kukaDeli Malinga onguThenjiwe “MaMzobe” Gumede nozakwabo oyindodakazi yakhe uGabsile, u-Alizwa Skhafungana kuma-3rd Ladies In Media Awards eGhana maduze.
UDeli uqokwe emkhakheni we-African Female Actor of the Year kwathi u-Alizwawaqokwa kowe-African Female Content Creator.
UDeli obeqala ukulingisa indawo eqavile ngoMkhokha futhi owole uxhaxha lwemiklomelo ngayo, uthe kumhlabe kakhulu umxhwele ukuthola ukuthi akaqokiwe emqhudelwaneni wakuleli kodwa umele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni okuboshelwe izingwazi zamazwe ngamazwe.
"Ngibona uNkulunkulu kukho konke lokhu."
UDeli ubonge abantu abaqala ukuwa bevuka naye kusukela ngosuku lokuqala. Wathi uyilokhu ayikho manje kungenxa yabo.
Esephetha uthe abantu bakuleli abakwenze kuye, bakwenze nakwabanye maqede wanxenxa abantu baseNingizimu Afrika namaphethelo ukuba bamvotele ngobuningi babo ukuze abuye nawo lo mklomelo awubanga namaciko amazwe ngamazwe ase-Afrika.
Akuyena yedwa uDeli wakuleli oqokiwe kulo munxa we-African Female Actor kodwa uqhathwe nano-Asavela Mqokiyana.
Umsakazi woKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa noZoe Madiga abaqokwe kwi-African Female Musician. UNthabeleng Matt Elle ongene kwi-African Female Radio Personality nakwi-African Female DJ. Kwi-African Female Author kukhona umbhali wakuleli u-Emma Saddler. UMbali Mbatha ukhethwe kwi-African Female Print Journalist nakwi-African Female Producer.
*Uma ufuna ukuvotela omunye wala maciko ungangena kwi-website yalo mqhudelwano i-www.ladiesinmedia.org