USAZIWAYO wodumo lwesiqubulo esithi Yilwa Ntombo, uSbongiseni "Bobo" Mbhele, udalule ukuthi uphila negciwane lesandulela ngculazi.
Ekhuluma kwi-Meaningful Conversations with Zandy Mfeka, uBobo (20) waKwaNdengezi uthe watshelwa ngodokotela ukuthi unina wamthelela nge-HIV
"Mina ngisemncane angikaze ngikhule nezingane, ngidlale nazo. Lapho ngakhulela khona isesibhedlela i-RK Khan. Owami umzali wangishiya emhlabeni ngisenezinyanga ezintathu."
Uthe yena waphila kanzima, edla nangamapayipi, engakwazi ukuzidlela futhi ebuye aquleke.
"Angikutholanga ukuphila kahle. Ngaphila kanzima ngoba ngacishe ngashona. Ngasindiswa wuNkulunkulu owangenza ngakwazi ukuphila."
Uthe nesikhumba sakhe wayengenaso emzimbeni futhi ephuma amahlule egazi ezindlebeni, emakhaleni nasemlonyeni. Uthe aze afike kuleli zinga akulo kube yimpatho kamama omncane wakhe nasebenzisana nabo emculweni.
Uveze ukuthi esikoleni ayefunda kuso wayehlukumezwa ngomunye uthisha, owayemvungqula ngepayipi emhlane kuze kube luhlaza ngoba ecikwa impilo ayeyiphila.
"Sengathi indlela engiyiyona wayengayithandi."
Echaza ngokuba yibhungu elinemizwa yabanye abantu besilisa, uBobo uthe wazi esemncane ukuthi uzophila le mpilo.
Uthe nabazali bakhe batshelwa ngodokotela ukuthi akazophila impilo yabafana. Eqhuba, uthe uyise naye ongasekho emhlabeni, wayengayizwa leyo kangangoba wayefuna uBobo aphile impilo yobufana.
Uthe ukuthi uzophila le mpilo kwavela ngokuthi wayengakwenzi konke okwenziwa abafana kodwa wayedlala namantombazane.
"Uthe akangenanga kule mpilo ngoba ethanda izinto kodwa wazi esemncane. Angizenzanga, uNkulunkulu owangidalayo. Ubu-gay bami ngazalwa nabo. Angibuphoqi."
UBobo uvumile ukuthi bakhona ababuphoqayo ubu-gay. "Uyabonakala ezandleni nje ukuthi uyindoda eqondile kodwa ebuphoqayo."
Phezu kwazo zonke izingqinamba ahlangabezane nazo empilweni kodwa sekumhambela kahle empilweni njengoba esengusaziwayo. Ngaphandle kokucula, ubuye abe wumsakazi nosomahlaya ohlekisa ezinkundleni zokuxhumana. Uke wavela ohlelweni lukaSomizi Mhlongo i-Living The Dream with Somizi futhi wenza ingoma ne-The Scorpion Kings, uMaphorisa noKabza De Small, ethi Yilwa Ntombo.