ISIMO somnotho siba nzima mihla namalanga kanti nosaziwayo bazithola bengaphansi kwenkulu ingcindezi yokuzama ukugcina impahla yabo.
Bayanda osaziwayo abamangalelwa ezinkantolo ngamabhange ngenhloso yokufaka isicelo sokufaka endalini imizi yabo ngoba behluleka ukukhokhela izikweletu.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule umculi uZahara, waphumela obala wacela usizo kubantu bakuleli ngoba kwase kukhishwe nosuku okuzofakwa ngalo indlu yakhe endlini.
Ngeledlule kuvele imibiko yokuthi usomahlaya, uDavid Kau, uyehluleka ukukhokha imali ayiboleka ebhange yokuguqula nokuthuthukisa umuzi wakhe oseKyalami Estate, eMidrand.
Kulokhu kunemibiko ethi intokazi eyaduma ngelikaQueen emdlalweni iGenerations nayo ihleli lubhojozi njengoba ibhange iMarcentile lifuna imali yayo.
Iphephandaba iSunday World, libike ukuthi umuzi kaSophie Ndaba ufakwe endalini ngenxa yokwehluleka kwakhe ukuwukhokhela. Kuthiwa umuzi ubiza R2, 2million.
Le ntokazi ifake umlayezo ezinkundleni zokuxhumana igxeka leli phephandaba ngombiko walo wokuthi idlelwe umuzi.
USophie uthi umuzi wakhe awufakwanga endalini kodwa wawudayisa yena futhi imadlana esalile ayikweleta ibhange iphakathi kwakhe nebhange, wathi intatheli, ayibize ngegama, ayingeni ndawo kulokho.
Gatvol Sophie Ndaba fires back at ‘stupid’ Sunday World journalist. pic.twitter.com/8gRXWIpv3c
— The Pope of Pop Culture (@PopeOfPC) September 24, 2022