IHLOMA ngabadlali abaqavile iRichards Bay FC ezibekele umgomo wokuqeda kwi-Top 8 ngesizini ka-2024/2025.
Usihlalo weRichards Bay, uSifiso "Jomo" Biyela, ezakhe ezisinde ngokulambisa ezembeni kwiDStv Premiership, uveza ukuthi bazibekele umbandela wokuqeda ku-top 8, kwesizini ezoqala ka-2024/25.
IBay iqede isizini edlule isendaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership, yagcina idlala imidlalo yePSL Promotional Play-Offs ebuye kuyona kuvalwe amehlo. Bekuyisizini yesibili kulandelana iNatal Rich Boyz ibuya ithemba seliphelile. Nangesizini ka-2022/23 laqeda kukubi, endaweni ka-13.
Ngaphambi kwezoqala iBay kubukeka ingene yagamanxa emakethe ukwenza isiqiniseko sokugwema ingozi eyenzeke kumasizini edlule.
Phakathi kwabadlali okuthiwa iBay ibasayinisile kukhona uSiyethemba Sithebe obedlala kwiKaizer Chiefs noKeegan Allan obekwiSuperSport United. Kuvela nokuthi seyisayinise uTlakusani Mthethwa obeyibamba enkabeni yenkundla kwiSwallows.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi ngoLwesihlanu ebusuku, iBay isayinise uThabiso Kutumela obesemabhukwini eMamelodi Sundowns. UKutumela, owadlala nakwi-Orlando Pirates, ubebolekiswe kwiCape Town City ngesizini edlule. Uchithwe yiSundowns nabanye abadlali okukhona kubona uBongani Zungu, Gaston Sirino wase-Uruguay noJunior Mendieta wase-Argentina.
Kuhlanganisa nemibiko kaKutumela, uBiyela uthe yonke imibiko ehlanganisa ukusayiniswa kwabadlali bazoyimemezela ngoLwesithathu esithangamini nabezindaba.
"NgoLwesithathu sizomemezela yonke imininingwane mayelana namalungiselelo ethu nezinhlelo zesizini ezayo. Mhlawumbe nalo Kutumela okhuluma ngaye Isolezwe lizombona noma cha. Engingakuqinisekisa wukuthi kwisizini esizoyiqala sizokwenza kahle,"kubeka uBiyela.
Uqhube wathi:" Ngikusho lokhu ngoba sisayinise abadlali bezinga eliphezulu. Nakuba ngingeke ngisho amagama kodwa siqinise iqembu lethu kuzozonke izindawo. Uma ngikuhlephulela kancane nje, sisayinise omunye wonozinti wezinga eliphezulu, ngeke ngisho ukuthi uphuma kuphi. Kukhona nesinye isitobha engikholelwa ekutheni bazosithanda abalandeli bethu".
UBiyela uveze nokuthi ngawo uLwesithathu, bazomemezela negama labaxhasi beNatal Rich Boys.
“Ngiyakuqinisekisa ukuthi sishaya ngabaxhasi abasha. Inkampani enkulu engikholelwa ekutheni izosisiza kakhulu. Okukhulu kunakho konke ukubongela abalandeli bethu ngale mpumelelo. Ngicela baqhubeke nokubambisana nathi, iqembu labo leli,”kuphetha uBiyela.