IPHUPHO lokulandela isilomo esincane esisanda kudayiswa yi-Orlando Pirates ngokuyodlala phesheya, lenza umdlali waphambili waMajita, uThabiso Monyane, angakuboni okuzoma endleleni yabo kwiTotal U-20 Africa Cup of Nations.
Lo mdlali osanda kudayiswa yiPirates nguLyle Foster, osayine inkontileka ne-AS Monaco, elinye lamaqembu amakhulu kwiFrench Ligue 1.
Ukuzibeka ethubeni elihle lokulandela uFoster, kufanele uMonyane nozakwabo baqede kwi-Afcon edlalelwa eNiger bebalwa namaqembu amathathu aphezulu.
Le ndawo izobanika ithikithi lokuya kwi-U/20 Fifa World Cup edlalelwa ePoland ngoMeyi 23 kuya kuJuni 15.
Indlela yamaMajita iqala namuhla ngokubhekana nosokhaya be-Afcon, iNiger, eStade Seyni Kountche` ngo-5.30 ntambama.
“Ngiqala ukudlalela Amajita ngingene endaweni yomngani wami, uLyle Foster, owayeselimele. Sisuka kude naye. Sazana sidlala ndawonye kwi-under 12, bengibuye ngihlale nakubo futhi sifunda ndawonye. Ngiyamjabulela futhi ngiyafisa ukumlandela njengoba naye eseseqenjini elikhulu eFrance,” kusho uMonyane, obexoxa neSafa eNiger.
“Kubalulekile (ukufinyelela endaweni yesithathu) kodwa singaMajita siyaqonda ukuthi singazifakeli ingcindezi kodwa senze lokho esiyalwe ngakho. Yiphupho lanoma yiyiphi insizwa esencane ukuyodlala kulesiya sigaba khona esibukwa abahlonzela amaqembu amakhulu omhlaba ithalente emiqhudelwaneni yalolu hlobo. Ithalente nginalo, uma selihlangane nokuzikhandla kweminyaka, ngiyathemba sebengangibona.
UMonyane uvele uzibona esenhlanhleni enkulu ngokudlala emiqhudelwaneni emikhulu njenge-Afcon.
“Kimi bekuhlezi kuyiphupho ukudlala kwi-Afcon ngoba iyisigcawu esikhulu. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngike ngaba esigabeni esithi asifane ngo-2015 ngihamba nesikwati sika-under 17. Bengineminyaka engu-15 ngaleso sikhathi futhi angilitholanga nethuba lokudlala,” kusho uMonyane.
“Kwakuseyithuba lokufunda lapho. Kodwa manje sengimdala, sengithe ukukhalipha, nginamava futhi ngiyasiqonda isimo ukuthi sihamba kanjani.
“Ngiyalibonga ithuba engilinikwe ngumqeqeshi uMolefi Ntseki (obemcija kwi-Under 17) ngoba unginike ingqayizivele yokumela umndeni wami ngibe ngisemnce kanjeya kuleya minyaka,” kusho uMonyane.
Amajita, acijwa nguThabo Senong obalwa kubaqeqeshi abangase banikwe amatomu kwi-Under 23, aboshelwe kwiGroup A neBurundi neNigeria. INigeria azobhekana nayo ngoLwesibili kuthi iBurundi bayithathe ngoLwesihlanu.