Imenenja yeKaizer Chiefs, uBobby “Bobsteak” Motaung, ibikhala kuStanley “Bra Stan” Tshabalala uma isishiswa yinsimbi ngenxa yokubhimba kwezinto eNaturena.
UBobby udalule lokhu ngoLwesine ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaTshabalala, ebuseSoweto.
UTshabalala, obaziwa ngelikaScreamer noma uBra Stan, ushone ngesonto eledlule emuva kwesikhathi ebambekile kulandela ukudutshulwa kwakhe ngoMashi.
Enkonzweni yokumphelezela bekukhona izikhulu zebhola ezahlukene okubalwa kuzona u-Irvin Khoza ongusihlalo we-Orlando Pirates abesebenza kuyona, umengameli weCaf uPatrice Motsepe nomengameli weSafa uDanny Jordaan. UBra Stan, osanconywa namanje ngokusungula isitayela sokugcina ibhola esidlalwa yiMamelodi Sundowns esaziwa nge-Shoe Shine and Piano, wayengomunye wabasunguli beChiefs ngasekupheleni kweminyaka yawo-1960 ebambisene noKaizer Motaung, China Masondo ongasekho, no-Ewert “The Lip” Nene naye ongasekho. Ngaleso sikhathi bayibiza ngeKaizer XI.
UBobby uthe uScreamer ubengumngani wakhe omkhulu abebuye akhale kuyena uma esexakwe yizinto kwiChiefs nakuba ebeseyisikhulu sePirates.
“Silapho esikhona namuhla siyiKaizer Chiefs ngenxa yamandla, izimpilo, nomoya walaba bantu. UBra Stan nakuba ubesekwiPirates manje, njalo uma ngibanjwe wumkhwantalala oludalwa wukungawini kwethu, ubethi asihlangane eHyde Park, siphuze itiye sikhulume ngebhola. Abuze ukuthi ikuphi inkinga. ‘Angithi manje sekugcwele lezi zinto zo-Sports Science. Uma ukhuluma ngomdlali sekufanele ubheke ukuthi ugijima kangakanani.’ UBra Stan ungifundise ibhola. Ungifundise konke engikwaziyo ngomlando weKaizer Chiefs nokuthi yaqala kuphi,” kuchaza uBobby.
“UBra Stan ubengafuni ukwehlulwa. Ubehlala efuna ukuwina ngaso sonke isikhathi. Nginobuhlakani engibuncele kuBra Stan. Wangifundisa konke ngeqembu nokuthi lasungulwa kanjani. Ngesikhathi ubaba ebeka amakhokho ethala, ebuya (phesheya) kwalandela lokhu esinakho manje esikubiza ngebhola, iNSL nePSL eyasungulwa ngabantu okukhona kubona uKhoza. Basungula into enhle. Manje sinomengameli weCaf entweni eyasungulwa ngoBra Stan, Motaung noKhoza,” kusho uBobby.
UScreamer uyohlala esemlandweni webhola eMzansi ngokuba ngumqeqeshi wokuqala weBafana Bafana emuva kokubuyiselwa kweNingizimu Afrika ebholeni lomhlaba ngo-1992. Wangena esikhaleni sikaJeff Butler okwatholakala ukuthi akanazo iziqu eziyizo zokuqeqesha, waxoshwa engakahlali ebhentshini leBafana. UTshabalala waxoshwa emuva kokuxhimfa ngesibhakela intatheli uSy Lerman, eyisola ngokubhala kabi ngaye kwazise iBafana yayiwukudla kwenduku yaze yabizwa nge-4x4.
UBobby udalule ukuthi uScreamer uyena owamqamba elikaBobsteak.
“Wangitshela ukuthi uma ungalithandi ibhola, liyeke. Nganginenhlanhla ngoba kwesinye isikhathi ngangibuye ngicabange ukuthi lento yeChiefs...(ngiyayiyeka). Ngathi kuyena Bra Stan ibhola linepolitiki eningi. Ngelinye ilanga wayeshayela nami sisuka emahhovisi ethu kuCommissioner (Street). Ngathi kuyena ngifuna ukuvula i-Restaurant, ngithanda imali. Wathi ‘kanjani mfanakithi?’Emuva kokuyibona i-Restaurant, ngangingenalo igama engizoyiqamba ngalo. Wathi kuzoba yiBobsteak. Yilapho igama likaBobsteak elaqhamuka khona, hhayi ebholeni,” kusho uBobby.
Njengamanje iChiefs iseTurkiye, yenza amalungiselelo esizini ezayo. Leli qembu eliqashe umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi, kubhekwe ukuthi alibuyisele izinsuku zenjabulo ngoba sekuphele iminyaka ecela kweyishumi yagcina ukuphakamisa indebe.