UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, uhlabeke umxhwele ngendlela esikhombise ngayo ukuvuthwa isiqongqwane sakhe sasemuva, uHappy Jele, phezu kwesikhathi eside sagcina ukudlala.
UJele (36) ujoyine iRoyal AM ekuqaleni kukaFebhuwari, kade sekuphele izinyanga engadlali kulandela ukuhlukana ne-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule.
Udlale umdlalo wakhe wokuqala edlubhe ijezi leRoyal AM eqala umdlalo waze wawuqeda leli qembu libhaxabula iStellenbosch FC ngo-3-1 emdlalweni weDStv Premiership, eChatsworth Stadium, eThekwini ngempelasonto.
I-AM inqoba lo mdlalo nje, beyibuya esibhaxwini semidlalo emibili ixetshulwa yiMamelodi Sundowns ngo-5-1, okulandelwe ngesinye isibhaxu sika-3-1 isithola kwiMarumo Gallants.
Ukuba namaphutha kwesitobha nokaputeni, uSamuel Manganyi odongeni lwasemuva emdlalweni weGallants, nokumiswa kukaThabo Matlaba ngenxa yamakhadi, kubukeka kuyikhona okwenze uMaduka enze izinguquko, aqalise uJele koweStellenbosch.
“Indlela adlale ngayo uHappy ikhombise okukhulu ukuvuthwa, ngihlabeke umxhwele ngendlela adlale ngayo. Ubungeke usho ukuthi kade agcina ukudlala ngendlela adlale ngayo. Wenze izinto zabalula ngoba ubekwazi ukusebenzisa umzimba wakhe ngendlela efanele. Egijima uma kunesidingo, akhave (avale isikhala) uma kufanele, aphase futhi uma kufanele, ungeke umthole egijima nje nebhola kungenasidingo, nokuyikho okumenze wakwazi ukudlala umdlalo wonke awuqede.
“Ukhombisile ukuthi ungumdlali osengumakadebona ebholeni, okwaziyo ukuthatha izinqumo ezifanele ngesikhathi esifanele. Nginethemba elikhulu lokuthi ukubakhona kwakhe odongeni lwethu lwasemuva kuzokwenza umehluko ikakhulukazi uma esekwazile ukuba qatha ngokwanele,” kusho uMaduka.
UMaduka uncome nokuzinikela kwabadlali bakhe emdlalweni bebuya sebelandela ngemuva. Uthe ukunqoba kwabo ubona kuzokwenza umehluko ekubuyiseni ukuzethemba kubadlali njengoba belwela ukuqeda isizini bephakathi kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu kwi-log yePremiership.
IThwihli Thwahla isendaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership, njengoba isalelwe yimidlalo emihlanu ukusonga isizini.
“Besiyidinga kakhulu le wini, ikakhulukazi ngemuva kokushaywa kwethu imidlalo emibili ilandelana. Ngakho imidlalo emihlanu esisalele yeligi, okubalwa olandelayo esizowudlala neTS Galaxy ekuhambeni, kithina ifana neyamanqamu. Inhloso yethu manje wukwenza isiqiniseko sokuthi siqeda isizini sikwi-Top 8, hhayi okunye,” kusho uMaduka.
Ngaphambi kokudlala neGalaxy, ezikaMaduka zizobhekana neKaizer Chiefs kuma-quarterfinal eNedbank Cup eChatsworth Stadium ngo-6 ntambama.