ISIQONGQWANE sasemuva kwiRoyal AM, uThabo Matlaba, sithi ukushaywa imidlalo emibili ilandelana akuyona into efiswa yinoma yiliphi iqembu kulesi sikhathi sesizini. Umdlali uthi yingakho bezimisele ngokulwela ukufa nokuphila, ukugwema ukulahla amanye amaphuzu emdlalweni wabo neStellenbosch FC.
IRoyal AM ebuya esibhaxwini sika 3-1 esithole kwiMarumo Gallants ngoLwesithathu, namuhla ngo-3 ntambama inenselelo yokuvuka izithathe ngokubhekana neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership, eChatsworth Stadium, eThekwini.
I-AM ebisiqala ukuthola umgqigqo ngaphansi komqeqeshi wayo osanda kukhuza ibuya uJohn Maduka. Ishaywa yiGallants nje, ibibuya kwesinye isibhaxu sika 5-1 esithole kwiMamelodi Sundowns, ngaphambi kwekhefu leFifa.
“Ukushaywa kwethu yiMarumo (ngoLwesithathu) kuwubufakazi bokuthi ebholeni akuyi ngokuthi niphezulu kangakanani ngomdlalo kuneqembu enisuke nibhekene nalo. Kodwa ekugcineni uma nihluleka ukusebenzisa amathuba futhi nenza namaphutha emuva, yinina enigcina ngokushaywa njengoba kwenzeke kithina.
“Ngakho sinenselelo enkulu yokuthi singaphindi amaphutha afanayo kulo mdlalo esiyowudlala neStellenbosch, phambi kwabalandeli bethu abasesekayo uma sidlala imidlalo yasekhaya,” kuchaza uMatlaba.
“Ngalesi sikhathi sesizini alikho iqembu elifuna ukuzibona lilahlekelwa ngamaphuzu. Ngakho ukushaywa imidlalo emibili ilandelana yinto engafiswa muntu. Yingakho nathi sizolwa ngayo yonke indlela ukugwema ukushaywa okwesithathu imidlalo ilandelana.
“Sinethuba lokuqeda kwi-top 8 uma singakwazi ukubuya namaphuzu kule midlalo eyisithupha esisalele. Uyabona, uma uyibheka akuyona imidlalo elula esisalele. Kodwa-ke ebholeni elikhokhelayo, kukancane ukuthi ubhekane nomdlalo olula, ikakhulukazi ngalesi sikhathi sesizini lapho khona wonke amaqembu esuke elwela ukuthola amaphuzu.
“Ngaphandle kokushaywa yiChiefs (Kaizer) emdlalweni wayo wokugcina, kodwa iqiniso wukuthi iStellenbosch, yiqembu elisefomini kakhulu. Yingakho silindele umdlalo onzima kuyona kodwa esizimisele ngokubuya namaphuzu kuwona,” kusonga uMatlaba.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla-ngo3pm:
Royal AM v Stellenbosch FC (Chatsworth Stadium); Swallows v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium)
Ngo-5.30pm:
Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium)