AKAKUNGABAZI ukuthi amahlombe akhe abanzi ngokwanele ukuthwala ijoka lokuhlohla amagoli kwiKaizer Chiefs umgadli wayo osemncane, uWandile Duba, okubukeka sengathi usenhliziyweni yomqeqeshi, uNasreddine Nabi nethimba lakhe.
UDuba (20) owakhushulelwa esikimini esikhulu ngo-2022/2023 ewumgadli, uNabi ufike wadlalisa ophondweni lwesokunxele. Nokho kushintshile lokhu ngesikhathi Amakhosi eselandela ngemuva kwiStellenbosch, ebuyiselwa phambili. Sekuwumlando ukuthi uDuba ushayele iChiefs igoli lokuwina kulo mdlalo ewunqobe ngo 2-1.
Emidlalweni engu-13 yeligi, uDuba ushaye amagoli amane. Ubambene noMduduzi Shabalala ayedlala ngokuzwana naye kusukela besayibamba kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Ukungesabi ukuyithwala yedwa iChiefs yize esemncane, uDuba ukhulume ngakho nabezindaba izolo, eNaturena, lapho beyenza khona amalungiselelo okubhekana neSekhukhune United kwiBetway Premiership ozoba ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Nakuba iChiefs isakugweme kanye ukungenelwa yigoli kule sizini kodwa uDuba uzigxeka yena nozakwabo baphambili ngokungayibhakuzisi ngokwanele inethi ngoba ukube bayakwenza lokhu ngabe akekho onake oyokuthi bangenelwa ngamagoli kangakanani. Amakhosi, asengenelwe ngamagoli angu-16, ashaya ayisibalo esifanayo. Asendaweni yesithupha kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-13.
“Akulona iqiniso ukuthi sinenkinga emuva ngoba ukube sishaya amagolli okungenani awuhhafu wamathuba esiwakhayo, ngabe siyayiwina imidlalo futhi ngabe akekho okhuluma ngokuthi siyavuza,” kusho uDuba.
“Uma ngizikhulumela mina, inkinga ikithina bagadli ngokungashayi amagoli anele. Izibalo zikhomba ukuthi singelinye lahamba phambili ngokwakha amathuba kodwa ubuncane kwesiwasebenzisayo kuyathusa.”
Lo mdlali waseLenasia, eGauteng, akanankinga ngokuthwala iChiefs emahlombe yize esemncane.
“Iminyaka yami ayisho lutho kepha iChiefs ingiholela ukuze ngishaye amagoli, hhayi ukubalisa. Uma sihluleka ukukwenza lokhu sifakela izitobha ingcindezi, ngakho-ke ukushintsha ukuqalaza kuyadingeka kithina sonke ukuze kuzoguquka izinhlanhla zeqembu,” kusho uDuba ngokuzethemba.
“Ngiwumdlali ozethembayo futhi ngeza kwiChiefs ngiqonda ukuthi yiqembu okunengcindezi ukudlala kulona kodwa konke lokho ngikulungele. Ngikulungele ukuthwala iChiefs ngamagoli njengoba sengiqalile kodwa ngeke kusho lutho uma ngingaqhubeki.
“Ngizinikela ngakho konke enginakho ngaso sonke isikhathi ngaphandle kokubheka ukuthi ozakwethu benzani. Njalo ngemuva kwemidlalo abaqeqeshi bayasithumelela amaphutha okufanele siwalungise, ngakho-ke uma sonke singabhukula senze lokho nakanjani inhlanhla yeChiefs ingaphenduka.”
Imidlalo yeBetway Premiership
Namuhla ngo-7.30pm
Cape Town City v Richards Bay (Athlone Stadium); SuperSport United v Polokwane City (Lucas Moripe Stadium)
Kusasa
Golden Arrows v TS Galaxy (Mpumalanga Stadium, 3.30pm); Chippa United v Marumo Gallants (Buffalo City Stadium, 8pm)
NgeSonto
Kaizer Chiefs v Sekhukhune United (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm)