LIFEZEKILE iphupho lokunqobela izwe indondo kuma-Olympic kuJo-Ane van Dyk ngesikhathi enqoba indondo yesiliva ku-javelin yabesifazane eParis, eFrance, ngoMgqibelo ebusuku, obekuwusuku olwandulela ukusongwa kwale midlalo.
UVan Dyk (26) odabuka ePotchesfstroom, ulale isibili ngesikhathi ejikijela i-javelin ibanga elingu-63.93m.
Igolide linqotshwe nguHaruka Kitaguchi waseJapan ngo-65.80m, kwathi uNikola Ogrodnikova waseCzech Republic wathola ithusi ngo-63.68m.
Kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021, uVan Dyk waqeda endaweni ka-24, walala endaweni ka-10 kumaWorld Championship eBudapest nyakenye.
Kulo nyaka uphume phambili kuma-African Games eGhana kanjalo nakuma-African Championships eCameroon.
“Bengingakulindele kodwa yinto ebengiyiphupha futhi ebengiyifisa. Namanje ngisamangele. Bengazi ukuthi ezinye izintokazi ebengiqhudelana nazo zingenzani futhi kulo mdlalo ngeke uqiniseke ngalutho kuze kuqede wonke umuntu ukuphonsa,” kusho u-van Dyk ethimbeni labezindaba leTeamSA.
“Ngiqale ukukholwa ukuthi ngizobuya nendondo ngesikhathi sekushwibe obesendaweni yesine. Bengiqala ukubona lo esethimbisene naye umshado ekhala futhi angijwayele ukubona ubaba ekhala kodwa ubekhala.
“Ngijabule ngalokhu engikwenzele izwe kanye neqembu laseNingizimu Afrika.”
UVan Dyk uhambe ezinyathelweni zikaSunette Viljoen-Louw naye owabuya nendondo yesiliva kwi-javelin eRio ngo-2016. Uqeqeshwa uTerseus Liebenberg, owayeqeqesha uViljoen-Louw.
INingizimu Afrika ayikwazanga ukwengeza izindondo ngosuku lokugcina izolo. UCian Oldknow uqede endaweni ka-32 kwi-marathon yabesifazane, u-Irvette van Zyl wangena endaweni ka-37 kwathi uGerda Steyn waqeda endaweni ka-45.
Lo mjaho unqotshwe nguSifan Hassan waseNetherlands, indondo yesiliva yatholwa nguTigst Assefa wase-Ethiopia, eyethusi yathathwa uHellen Obiri waseKenya.
UNicolaas de Lange naye uhlulekile ukuhlabana ngendondo emqhudelwaneni wabesilisa we-wrestling njengoba ehlulwe ngo 5-3 nguMulazi Mchedlidze wase-Ukraine kowokuhlunga.
Lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika ithole izindondo eziyisithupha kuma-Olympic aseParis, okuwumphumela ongcono uma kuqhathaniswa nezindondo ezintathu kuma-Olympic aseTokyo.
Iqembu lombhoxo wabesilisa weSevens lavula indlela ngendondo yethusi kwathi u-Alan Hatherly walandela ngendondo efanayo kwiMountain Biking.
Umbhukudi uTatjana Smith, owabuya negolide nesiliva eTokyo, uphinde waba yiqhawekazi njengoba enqobe igolide ku-100m breaststroke nesiliva ku-200m breaststroke.
U-Akani Simbine, Bayanda Walaza, Shaun Maswanganyi noBradley Nkoana bathole indondo yesiliva ku-4X100m relay yabesilisa ngaphambi kokuthi uVan Dyk engeze indondo yesithupha.