SEKUPHELILE obekuhlanganisa umdlali wasemuva uThabo Matlaba neqembu laseSoweto i-Orlando Pirates.
Ezimnyama ziqinisekise lezi zindaba ngoLwesihlanu ngemuva kwezikhawu lihlangana noMatlaba ukudingida inkontileka yakhe entsha kuleli qembu.
Ngesikhathi iqinisekisa lezi zindaba iPirates, esitatimendeni esiphanyeke kwi-website yayo, iveze ukuthi uMatlaba unqabile ukwehliselwa umholo wakhe nokuyilapho izingxoxo ziphele khona wakhetha ukuthi imkhulule abheke iqembu elisha.
IPirates iveze ukuthi uSihlalo weqembu uDkt Irvin Khoza uhlangane noMatlaba ngoLwesibili kuleli sonto waziswa ukuthi inkontileka akuyo iyaphela ngoJuni.
Kuthiwa uKhoza wamcela ukuba abuye ngoLwesine bezodingida imibandela yenkontileka entsha.
“Emhlanganweni uThabo wachaza ukuthi ngenxa yesimo sakhe sempilo ngeke akwazi ukwehlisa umholo wakhe. UDkt Khoza wamchazela ukuthi iqembu alikho esimeni sokuholela abadlali abangadlali njalo umholo ophezulu,”
UMatlaba, obesedlalele leli qembu iminyaka eyisikhombisa, kuthiwa ubuye namuhla ekuseni ukuzothola incwadi emkhululayo eqenjini kanti iPirates iveze ukuthi uzokuthola konke okuyimali okumfanel, okubalwa kukho nebhonasi yokudlalela leli qembu isikhathi eside.
Akukacaci ukuthi lo mdlali uzogijimaphi ngesizini ezayo kodwa phambilini uke wamataniswa neKaizer Chiefs.
Nyakenye uMatlaba unqabe ukubolekiswa kwiChippa.
Unqobe isicoco seligi ne-Orlando Pirates ngesizini ka-2011/2012. Waba yingxenye yeqembu leBafana Bafana eladlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2013.