IQALE phansi inkemane kubadlali beMoroka Swallows, kuthiwa kukhona osekuphele izinyanga ezimbili bengaholi.
ISwallows iqede endaweni ka-14 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-30 yesizini. Iphambili ngamaphuzu amabili kwiRichards Bay ezolwela ukuhlala kwiPremiership emidlalweni yama-Play Off ezoqala ngeSonto.
Nakuba bekubukeka zonke izingqinamba sezilungisekile kwiSwallows ngoba iyiwinile imidlalo kodwa kuthiwa kukhona abadlali abangaholanga ngo-Ephreli, nangoMeyi. Izinkinga zemiholo kwiSwallows ziqonge kakhulu maphakathi nesizini esongwayo, iqembu likweleta inqwaba yabadlali. Lokhu kuholele ekutheni abadlali bateleke, benqabe ukuyodlala imidlalo yePremiership neLamontville Golden Arrows, neMamelodi Sundowns ngokulandelana.
Emuva kwesiteleka, iSwallows ihlukane nenqwaba yabadlali okubalwa u-Andile Jali, Ntsako Makhubela noTshegofatso Mabasa okuphele imidlalo yePremiership eseqhulula amagoli kwi-Orlando Pirates.
Leli phephandaba lithole ukuthi njengoba amaqembu amaningi esevalele ukuphela kwesizini, abadlali beSwallows baswele ngisho imali yokuya emakhaya ngoba abakaholi. Lokhu kuqinisekiswe ngabadlali beziNyoni ababili ngokwehlukana.
“Sekuphele izinyanga ezimbili singaholi. Asiholanga ngo-Ephreli futhi asikawuholeli uMeyi. Asiyile emakhaya ngoba ayikho imali yokuhamba. Inzima le mpilo esiyiphila lapha. Kufanele ngabe ngisekhaya manje kodwa angikwazi ukufika ngilengise izandla. Balokhu besithembisa into engekho,” kusho omunye wabadlali abamqoka kwiSwallows.
Omunye uthe: “Ukuba nginayo imali ngabe sengisekhaya manje. Sengikhathele yilento. Bafuna ngisayine inkontileka entsha kulesi simo. Ngeke ngikwenze lokho. Sengikhathele yilaba bantu. Into engiyifunayo wukuzibona ngisekhaya.”
Kuvele ukuthi kukhona abadlali abakweletwa imiholo kaMeyi kuphela kodwa inkinga ekhona wukuthi ayingeni ngesikhathi okwavunyelwana ngaso. Imemenja yeSwallows, u-Elasto Kapawezha, ikuphikile ukuthi kukhona abadlali abangaholile. Yathi ngisho iphini likamengameli weSouth African Football Players Union (Sapfu), uTebogo Munyai, belifikile ejimini yabo ngesonto eledlule ukuzokhuluma indaba yemiholo yabadlali.
“Ayikho into enjalo. Bonke abadlali bayitholile imiholo yabo kaMeyi. Ngisho ungabuza uMunyai, uyazi ukuthi konke kuhamba kahle. Ngisho indaba yesiteleka yayingafanele ngoba iqembu lalikwenza konke okufanele,” kusho uKapawezha.
Uqhube wathi bajabule ngokuthi iqembu ligcine lilivikile izembe kwazise bebenganikwe lutho futhi abantu bebevele “sebebangcwabile” ekubeni ibingakapheli isizini.
“Abadlali bethu kumanje basemakhaya, baphumule. Bazokwaziswa ukuthi bazobuya nini ukuzoqala amalungiselelo esizini entsha. Sibheke ukwenza kangcono kakhulu siyiqembu ngesizini ezayo,” kusho uKapowezha.