INHLOKO yabaqeqeshi kwiKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane, ifongqe isigqoko kubalandeli baleli qembu ibancenga ukuba babekezele okokugcina ngoba seziseduze izikhathi zenjabulo.
Lokhu uZwane ukutshele abezindaba ngoMsombuluko, eRandburg, eGoli, lapho bekuqhathwa khona amaqembu azodlala eyama-quarter final eNedbank Cup.
Amakhosi atonyulwe ekuhambeni neRoyal AM okuwummdlalo uZwane angangabazi ukuthi uzobanzima kodwa futhi uyazi ukuthi bangawunqoba.
Icela kweyishumi iminyaka iChiefs ingakaze ifake lutho ekhabetheni lezindebe kodwa ngokukaZwane, lezo zinsuku zosizi nokushwiba izandla, seziyela ngasemaphethelweni.
Lo mqeqeshi, abalandeli beChiefs abahlukene phakathi ngamangwevu akhe, ukhale kakhulu ngokuphazanyiswa ukungabinaso isikimu athembele kusona okudalwa izizathu eziningi ezahlukene.
“IChiefs iqembu eseliyidle amahlandla angaphezulu kweshumi iNedbank ngakho-ke awukwazi ukubasola abalandeli uma bethi bayayifuna le nkomishi,” kusho uZwane osewine imidlalo emithathu ilandelana okungokokuqala kusukeka ethathe lo msebenzi ekuqaleni kwesizini.
“Amakhosi iqembu elaziwa ngokudla izindebe ngakho-ke uma abalandeli befuna lokhu abakujwayele, awukwazi ukubaphikisa. Sekuseduze nokho ukuthi izinto zihlangane yize kusabukeka sengathi ngiyazikhulumela nje,” kuqhuba yena.
“Ngikusho lokhu ngoba ngiwumqeqeshi obona laba badlali nsukuzonke nobuhlungu ababuzwayo uma iqembu lingenzi kahle.
“Ngicela babekezele kancane abalandeli beChiefs ngoba izikhathi zenjabulo sezisondele. Uma bengabuya bonke abadlali nathi sisazi ngekhanda isikimu sethu esiqala imidlalo nebhentshi, angingabazi ukuthi iChiefs izobuyela kulolu dumo eyaziwa ngalo ngoba abadlali bakhombisa ngaso sonke isikhathi ukuthi bayafuna ukuguqula isimo.
“Inkinga enkulu esibhekana nayo ukuthi, sithi sesiwubambile umgqigqo kubekhona abadlali abalimalayo noma kuqhamuke ikhefu, imidlalo ime njengoba kuzokwenzeka uma siqeda ukudlala neMaritzburg United ngempelasonto,” kuphetha yena.
Mayelana nokubhekana neRoyal AM ebaphendule amathofi ngesizini edlule kodwa bayithela induku koweligi (kule sizini), uZwane uthe ulindele umdlalo onzima.
“Njengayo yonke eyalesi sigaba esidlala kusona, iRoyal AM izobanzima kodwa okumqoka kunakho konke ukuthi iChiefs ibe sesigqokweni uma sekuqhathwa eyandulela amanqamu.
“Siyayazi iRoyal AM ukuthi ingakwenzani uma ungayiniki inhlonipho eyifanele ngakho-ke ngibathembisa lukhulu abalandeli baMakhosi futhi bangadikibali ukusilandela nokuseseka ngoba konke esikwenzayo senzela ukujabulisa bona, yize singakwenzi lokhu okwamanje,” kuphetha uZwane.
NgoMgqibelo, Amakhosi azovakashela iTeam of Choice eHarry Gwala Stadium. Alwela indawo yesibili kwi-log, okungayifaka kwiCaf Champions League noma kwiCaf Confederation Cup.