USEMABHUKWINI eqembu elidlala kwiPremier Soccer League (PSL) unozinti ozoqokwa njengobaqwaqwade bonke emakhanda kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esongwa ngowamanqamu phakathi kweNigeria nosokhaya i-Ivory Coast kusasa ngo-10 ebusuku.
Kulo mqhudelwano oyohlale ukhunjulwa ngobukhazikhazi bezinkundla, izingqazu zabesifazane ezivela emazweni ahlukene ebezihambela le midlalo ngokwahlukana, i-PSL ineyayo indima eyikhathulile.
Ngaphandle kokukhula ngamandla kwesibalo sabadlali abebemele iligi enkulu yaseNingizimu Afrika, iDStv Premiership, uma kuqhathaniswa nemiqhudelwano edlule, ukuba semgqeni womklomelo kanozinti ovelele, kukaRonwen Williams noStanley Nwabali, kuyayifakazela i-PSL ukuthi ingenye yamaligi amakhulu e-Afrika.
UWilliams weMamelodi Sundowns ongukaputeni weBafana Bafana noNwabali weChippa United ogila izimanga ezintini zeNigeria, yibona abasethubeni lokudla umklomelo.
Okwenza kubukeke kanjalo yizibalo zabo labo nozinti abadlala kwiPremieship ezikhomba ukuthi kubona bonke (onozinti) abathole ithuba lokuba senkundleni e-Ivory Coast, yibona abebengcono.
UWilliams noNwabali bafike kowandulela owamanqamu bengangenelwanga amagoli emidlalweni emine kwemihlanu. Sekungumlando ukuthi bobabili balilandile ibhola enethini kowandulela owamanqamu.
Lo nozinti weSundowns oneminyaka engu-32 ubudala, uyihola njengesibani iBafana okufakazelwa ukuthi usangenelwe amagoli amathathu kuphela.
UNwabali (27), obengakaze ayidlalele iNigeria ngaphambi kwe-Afcon, ugila izimanga kangangokuthi usangenelwe amagoli amabili kuphela kuze kube yimanje.
Bobabili labo nozinti basalelwe umdlalo owodwa kulo mqhudelwano ukuthatha iso yize kusabukeka sengathi uNwabali onethuba elingcono okwamanje.
Yize kungeke kube lula ukuziba ukuthi uWilliams uqophe umlando ebholeni lomhlaba ngokuvimba amaphenathi amane ngesikhathi iBafana ikhipha iCape Verde kodwa ukuba yivukana kukaNwabali nokuthi uyena ozodlala kowamanqamu kubukeka kumbeka ethubeni elingcono.
UWilliams uzothola ithuba lokuzibeka ebuhleni namuhla ngo-10 ebusuku kowombango wendondo yethusi neDemocratic Republic of Congo (DRC), e-Abijan.
UNwabali uzobe evimbe kowamanqamu phakathi kwamaSuper Eagles nosokhaya i-Ivory Coast kusasa ngo-10 ebusuku e-Abijan.